Bathi inkinga igqame kakhulu ezikoleni nasezinkampanini
PHUMLANI GAMA
ISENKULU eyokuhlukunyezwa kwamalungu ebandla lamaNazaretha elidume ngokuthi elakwaShembe, ezindaweni zokusebenza nasezikoleni. Lokhu kuvele ngesikhathi kuhlangene abaholi baleli bandla bezinhlangothi zalo ezine, nekhomishana yezenkolo, i-CRL Rights Commission, eRichards Bay, ngeledlule. Bonke abebemele leli bandla banikwe ithuba lokuveza zonke izinkinga, nokukhathazeka kwabo. Phakathi kwazo kube eyokwenyuka kwesibalo samalungu aleli bandla akhala ngokucwaswa ngenxa yokungagundi izinwele ezindaweni zokusebenza, ikakhulukazi emibuthweni yezokuvikela. Phakathi kwazo kubalwa imboni yonogada (PSIRA), SAPS, kanye nombutho wamasosha. Bakhala ngokuthi abaqashi babaphoqelela ukuba bagunde amakhanda njengoba lokho kuthiwa kuchaza inhlanzeko.
Ethula inkulumo kulesi sigcawu uMfundisi Joseph Mhlongo, ongomunye wabaholi abadala kuleli bandla, uthe kuningi ukuhlukumezeka okubikwa ngamalungu aleli bandla okwenziwa ngabaqashi ababasola ngokuthi bonke basasebenzisa ubandlululo lokuthi wonke umuntu omnyama kufanele agunde ekhanda. “Namuhla sihlangene ngenhloso yokuba siphinde sizokhala kwikhomishana, ngoba naphambilini sakwazi ukukhala kuyona, kwancipha ingxenye enkulu yokuhlukunyezwa kwezingane zaleli bandla ezikoleni, zidelelwa ngothisha bezigunda ngenkani. Kumanje sekuqubuke enye futhi inkinga yokuhlukunyezwa kwezisebenzi ezikhungweni zokusebenza. Ziphoqwa ukuba zigunde. “Abaphathi basaqhubeka nengcindezelo yokuthi izinwele zomuntu omnyama zingcolile futhi ziyanuka.
Siyazama ukubabhalela izincwadi kodwa kabafuni ukwamukela ukuthi ubuNazaretha buyinkolo kithi. Uma uthathe isinqumo sokuba ngumNazaretha, usuke usuthathe isinqumo sokungagundi. “Le nkinga ihlasele kakhulu ezinkampanini eziholwa ngabamhlophe nokuyibona abacindezela ilungelo labantu abamnyama ngenkolo yabo,” kuchaza yena. Uqhube wathi isekhona inhlese yokuhlukunyezwa kwabafundi abakhonza kuleli bandla ezikoleni. “Empeleni kasisho ukuthi iphelile inkinga yokuhlukunyezwa kwabafundi ezikoleni kodwa namanje zisekhona izigameko zalolu hlobo. Ngikhuluma nje kunezingane ezihleli emakhaya ngoba zixoshelwe izinwele ezikoleni. “Siyanxusa ukuthi uMnyango wezeMfundo kuzwelonke, ubambisane nathi ukukhuculula othisha abahlukumeza izingane ngokuzigunda.
Lokhu kuyinkomba yokuthi kunabantu abadukile, abangene ezikoleni ngephutha. Kasiqali ukukhuluma nabaholi balo mnyango ukuba bakhiphe bonke laba bacwali bezinwele bayovula izikhungo zabo ezikoleni, kusale othisha abazosebenzela ukufundisa izingane zethu,” kusho uMfu. Mhlongo. Ummeli wekhomishana u-Adv Richard Botha, uthe baziqoqe zonke izikhalo zaleli bandla futhi bazosebenzela phezu kwazo ngokushesha. “Akukhona okokuqala sihlangana nabaholi baleli bandla bezobika ngezinkinga abahlangabezana nazo ikakhulukazi eyokungagundwa kwezinwele. Okwasishaqisa wukuhlukumezeka kwezingane zesikole ezikhonza kuleli bandla. “Sawalandelela wonke amacala ayebikiwe futhi safinyelela esiphethweni sawo. Sacela ukuba babheke imithetho abayibeka ezikoleni.
Abafundi babekhala ngokuthi kunothisha ababeka ushingamu emakhanda abo nokuthi kukalwa izinwele zabo ngama-ruler. “Kumanje kunezingane ezagcina zingaqhubekanga nesikole. Maqondana nale nkinga yezisebenzi, sizokhipha incwadi ezongena kuzona zonke izikhungo zezokuphepha njengoba kukhalwa ngazo. “Ibandla lakwaShembe likhulu kakhulu, ngeke ukwazi ukuliziba lilandelwa ngabantu abaningi.
Sizokwenza konke okusemandleni ukuthi siyangenelela kulolu daba futhi sithole isixazululo,” kusho u-Adv Botha.
phumlani@ilanganews.co.