SAKHA ISIZWE: CALLISTUS NKWANYANA
KUMELE sibhekane namaqiniso; kalikho izwe eliyosiza elinye lingabhekile ukuthi lona lizohlomulani. Ngiyaye ngizwe abantu besho iziqubulo ezikhombisa ukudlelana namazwe thizeni, bazisho bengacwaninganga ukuthi bazisuselaphi.
I-Afrika kayisadingi iziqubulo ezingathi shu. Manje sidinga ukwenza izinto esizishoyo zenzeke. Ngiyezwa bencoma ubudlelwane bethu neChina, ikakhulukazi njengoba sesingene ombimbini lwamazwe azibiza ngeBrazil, Russia, India, China and South Africa (Brics).
Lolu mbimbi kumele silusebenzise ngobuhlakani obukhulu, uma singabusebenzisi, singazibona sesiphethwe ngamanye amazwe. Namanje amanye amazwe asiphethe kwezomnotho, lokhu kuwolunye uhlobo lokubuswa ngamanye amazwe. Ukungena kwezimpahla zakwamanye amazwe ngaphezu kwezethu esizidayisela lawo mazwe, kusho khona ukubuswa ngamanye amazwe kwezomnotho. Phela uma lawo mazwe engafaka unswinyo, kusho ukuthi singaguqa.
Uma izwe lifuna ukuthuthukisa elinye, lakha izimboni kulelo zwe. Lokho kusho ukuthi umkhiqizo wenzeka kulelo zwe elithuthukiswayo. Kwakha amathuba emisebenzi angempela kulelo zwe, futhi kushiye ulwazi lokuzimela ekwenzeni leyo mikhiqizo. Kusho ubudlelwano bangempela nobeqiniso.
Uma sikhetha amazwe okumele sidlelane nawo, akumele sihambise imizwa phambili, kodwa kumele sihambise izwe lethu phambili. Masibheke ukuthi yini ezohlomulisa izwe lethu. IChina iyisibonelo esihle kakhulu. Leliya lizwe linenqubo yamadlandawonye (socialism), liyixube ne-capitalism, okwenza lithuthuke ngendlela ephindaphindiwe. Akusafanele sithi kukhona amazwe esingahwebelani nawo ngoba engogombela kwezawo, kodwa kumele sibheke ukuthi izwe lethu lizohlomula kanjani.
ABAHOLI bamazwe ayingxenye yeBrics.
Uma ubuka iJapan, ngoNcwaba (August), 1945 i-United State of America (USA) yabhomba amadolobha iNagasaki neHiroshima. Lokhu kwenzeka emuva kokuba iJapan yahlasela i-USA kuqala ngoZibandlela (Decembe) 1941. Ekuziphindiseleni kwe-USA kwafa abantu baseJapan abangaphezulu kuka-80 000. Kwaphela iminyaka eminingi la madolobha efana nogwadule.
Into emangalisayo, eminyakeni engemingaki, iJapan yabona ukuthi inzondo ngeke iyiyise ndawo. Yahambisa abantu bayo bayofunda ukusebenzisa nokwenza ubuchwepheshe obunhlobonhlobo e-USA. Njengamanje iJapan ihamba phambili kwezomnotho nentuthuko emhlabeni. Nathi ngeke kusisize ukuhlala enzondweni ngoba yiyona ezobulala thina. I-USA neChina kabezwani, kodwa bayahwebelana; pho thina yini le engavimba ukuthi sihwebelane namanye amazwe?
Sidinga amazwe azokwakha izimboni ezizokhiqiza izimbiwa zethu ukuze sizithengisele amanye amazwe ngemali eshisiwe. Kumele sazi ukuthi kubalulekile ukufunda kwamanye amazwe, bese senza okwethu okuzohambelana nezimo zezwe lethu. Ukuze sifike ezingeni lamazwe athuthukile, kumele sithathe izinqumo ezingajwayelekile. Uma kumele kushintshwe imithetho evimba intuthuko nokusimamisa ababecindezelwe, kumele singabi namahloni, kodwa senze okufanele.
Iqiniso lithi izwe lethu ngeke lithuthuke ngesivinini esidingekayo uma abantu balo bengathuthukile. Intuthuko yabantu ezweni, iba nomthelela entuthukweni yezwe. Idlanzana eliphethe umnotho wethu ngeke lenze kube nentuthuko ezokwanelisa izwe lethu. Ukungalingani kunomthelela omkhulu ovimba intuthuko yezwe lethu. Amathuba alinganayo asekude nabansundu, ukungezwani kwabo yiyona mbangela yalo-khu.
Lokhu kusho ukuthi kusamele kusetshenzwe kanzima ukuthuthukisa ababecindezelwe. Ulingana kanjani nabantu abebevele benomnotho wena ungenalutho? Abansundu mabayeke ukubanga ithambo elingenanyama, mabayeke inzondo, inzondo idla umniniyo.
• UMnumzane Callistus Bheki Nkwanyana. Uneziqu zeMasters in Governance and Political Transformation
Wayengumqondisi: KZN office of the Premier: Community Part-nership and Moral
Regeneration
Ungumbhali we-ncwadi ethi, “Talking to yourself, the journey to self-discovery”
Uyatholakala ku:nkwa-nyanacb60@gmail.com 0665445466 Ucingo neWhatsApp