Abaqedana ngezibhamu basola ukuthi inkosi yakhothama “nekhubalo” lokuthula

512

MTHOBISI SITHOLE

SIMUNCU isimo emalungwini omphakathi wesiZwe sakwaSithole, eQhudeni, eNquthu, abalisa ngokukhothama kwenkosi yawo, njengoba umphakathi uhlalisene lubhojozi, uqothana ngenhlamvu. ILANGA lithole ukuthi, sibi isimo kule ndawo, umphakathi uyacathamelana, usolana ngokubulalana nokubhacisa abakwezinye izizwe okusolwa ukuthi bahlasela endaweni. 

Elinye ilungu lomphakathi liveze ukuthi selokhu kukhotheme iNkosi uKhumbulani “Stifani” Sithole nyakenye, akasekho umuntu osatshwayo, ozokhuza kulolu dlame olubheduke esizweni. Leli phephandaba libike kabanzi ngoMfumfu (October) ngesigameko sokuhlaselwa ngevolovolo kukaMnu Lolo Sibiya KwaNgqulu, eNquthu esemzini wakhe, waphulukundlela, kwabulawa umkakhe nezingane ezimbili. Kubikwa ukuthi emuva kwesigameko, umphakathi uhlanganile waxoxa ngalolu daba, ngakusasa kwadutshulwa kwabulawa uMnu Mbatha (elingatholakalanga igama lakhe), esolwa ngokuthi ukhulume amaganyana anenhlabathi. 

Ngomhla ka-12 kuLwezi (November), kuhlaselwe izinsizwa zakwaSithole ezine zihamba ngemoto, kwashona uMnu Lawulani Sithole noMnu Mte Sithole. Kubikwa ukuthi emasontweni amabili adlule kudutshulwe ikhumbi yomculi kamasikandi, uBukelani “Dlubheke” Khuzwayo.

Ngokwemithombo yeLANGA, kusolwa abantu baseMsinga ngokudutshulwa kubulawe umndeni wakwaSibiya. Kuthiwa impi idalwe wumbango wemigodi yozama zama eGoli. Kuthiwa abantu bakwaSithole, basolwa ngokudubula babulale owesilisa wakwaNgubane, eMsinga. Kuthiwa bamdubulela ehostela. Kwenzeka lonke lolu thuthuva, kuke kwahlaselwa emzini wakwaKhuzwayo kwashiswa imoto kaMnu Shobeni Khuzwayo weZingane Zoma egcekeni. 

UMnu Ashwell Sithole wasebukhosini bakwaSithole, uthe kuzohlangana uhulumeni nemindeni ethintekayo ngoMgqibelo, bese ngeSonto kuhlangana isizwe kubhungwe ngalolu dungunyane oselukhipha imiphefumulo. Okhulumela uMnyango wezokuVikelwa koMphakathi KwaZulu-Natal, uMnu Kwanele Ncalane, uthunyelelwe udaba, wathembisa ukuthi uzobuyela kuleli phephandaba kodwa kuze kwashaya isi-khathi sokuloba engabuyelanga.

Okhulumela amaphoyisa Kwa-Zulu-Natal, uLt-Col Nqobile Gwa-la, uziqinisekisile izigameko zokubulawa kwabantu kule ndawo.

mthobisis@ilanganews.co.za 

www.ilanganews.co.za      

Previous article“Bekuyiziqengqe” abafundi abashone engozini bebuya ukuyojabulela ukuqeda ukubhala
Next article“Ubulale” unina wengane nesoka lakhe elisha