Abaxoxa ne-IFP bayavumelana negama likaNtuli kwesikandunankulu waKwaZulu-Natal

194

Izingxoxo neMK zifenyiswe wukungafiki kwabaholi boMkhonto

LUCKY CAIN

I-IFP isamile egameni lokuthi uMnu Thami Ntuli ongusihlalo wayo KwaZulu-Natal, abe ngundunankulu walesi sifundazwe, okuyinto okuvela ukuthi namaqembu axoxa nayo ukwakha uhulumeni avumele nayo.  

Lokhu kuvezwe nguMengameli we-IFP, uMnu Velenkosini Hlabisa esigcawini sabezindaba leli qembu ebelisihlelile ukucacisa ngesinqumo salo, emuva kwezingxoxo zokwakha uhulumeni wobumbiswano emuva kwemiphumela yokhetho lukazwelonke olwalumhla ka-29 kuNhlaba (May). 

Uthe iqembu lakhe lisamile ekubekeni uNtuli kwesikandunankulu njengoba nangesikhathi linezingxoxo ne-ANC, iDA ne-NFP, la maqembu akhombise ukuleseka igama lakhe. 

Leli qembu limemezele ukuthi ligcine lifinyelela esinqumweni sokuthi livume isiphakamiso se-ANC sokwakha uhulumeni wobumbiswano kuzwelonke. 

 UHlabisa uthe nakuba bevuma lesi siphakamiso kuzwelonke, kodwa izingxoxo zehlukile KwaZulu-Natal njengoba zisaqhubeka. 

Uthe nakuba ibekhona imizamo yokuhlangana neMK Party, kodwa wagcina ungahlalanga umhlangano ngenxa yokungafiki kobuholi beMK. 

Previous articleI-ANC iphika eyokuxosha obeyimeya yeTheku “ngenxa yengcindezi yeDA”
Next articleKwethule uhlaka oluhlangisa umkhakha wezamafilimu nezokuvakasha