Bathi ilinganiselwa ku-R2000 imali yawo
MTHOBISI SITHOLE
ISITHOMBE: YINQOLOBANE YELANGA
SEKUQUBUKE umdoniswano ngokushintshwa komfaniswano wabafundi baseMaqhwakazi Primary School, eShowe, abanye abazali basola uthishanhloko, uMnu Hadebe ongathandanga negama lakhe ngokubaphoqa ukuba bawuthenge ngaphakathi esikoleni kuphela.
Okususe umsindo wukuthi abazali bathi lo mfaniswano abaphoqwa ngawo umba eqolo.
Omunye wabazali okhulume neLANGA ngombandela wokuba angavezwa igama ngoba hleze ingane yakhe iphenduke iqaqa esikoleni uthe iyabakhathaza le ndaba ngoba izinkinga ababhekene nazo kwezemali kazifani.
“Kungani singavunyelwa ukuzithengela kwezinye izindawo umfaniswano ngoba kungenzeka siwuthole ngamanani aphansi bese sizifakela ibheji lesikole? Sekuthiwa izingane ngeke zifunde uma zingawuthenganga esikoleni lo mfaniswano omusha,” kusho umzali.
Kuthiwa imali yomfaniswano usuphelele ilinganiselwa ku-R2 000. Usihlalo wesigungu esilawula isikole, uMnu Celumusa Ngema, uthe kuyiqiniso ukuthi kunezikhalo kubazali ngodaba lomfaniswano wesikole.
Uthe kusazohlangana isigungu sesikole ibhekisiswe eyenani lawo. Uveze ukuthi isizathu esenze ukuba kushintshwe umfaniswano wukuthi ubufana nowesikole esiwumakhelwane, uFasimba Primary School.
“Lolu daba kwakuxoxwe ngalo kwavunyelwana kahle, akekho umzali owakhononda. Ngisola ukuthi laba abakhonondayo yilaba ababengekho emhlanganweni ngesikhathi kuthathwa izinqumo,” kusho uMnu Ngema.
Uthi abazali banikwa ithuba lokuthi bawuthenge umfaniswano kusukela ngoMasingana (January) kuya kuNhlangulana (June).
Uveze nokuthi kawukho umthetho othi umfundi ongawuthengile umfaniswano uzoxoshwa.
“Umuntu ozothungela isikole umfaniswano sizoxoxa naye, sibuke ukuthi ngeke yini ayehlise imali,” kusho uMnu Ngema.
Uthisha wakulesi sikole ongagunyaziwe ukukhuluma nabezindaba, uthe inhloso yokuthi umfaniswano uthengwe kumuntu oqokwe yisikole, wukuthi ingxenye yemali ethile ilekelele esikoleni ukuze kungeke kulokhu kucelwa imali encane kubazali njengenjwayelo.
Uthe enye yezinhloso ezinkulu wukuthi kukhokhelwe nomabhalane osiza esikoleni ngoba akaholi, uyavolontiya.
“Ngesikhathi kuxoxwa le ndaba yomfaniswano ngoMfumfu (October) nyakenye, akekho umzali owaphikisa lokhu, bonke bashaya ihlombe, kwasayinwa ngisho amaminithi omhlangano.
“Lo muntu othengisa umfaniswano ngowasendaweni, akuwona okathishanhloko (umfaniswano).
“Lo muntu wayevele edayisela sona lesi sikole engakafiki ngisho uthishanhloko njengoba efike nyakenye. Akekho umfundi ophoqwayo ukuthenga umfaniswano esikoleni, bekuyisiphakamiso futhi akushiwongo ukuthi umzali awuthenge wonke ngesikhathi esisodwa,” kusho lo thisha.
Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnu Kwazi Mthethwa, uthe kubalulekile ukuthi abafundi bagqoke umfaniswano kodwa akekho okumele ancishwe ilungelo lemfundo ngoba ehluleke wukuthenga umfaniswano.
mthobisis@ilanganews.co.za