Abe-gospel babekelwe umkhusu emcimbini wamabadla wokuhlukanisa unyaka

208

LUCKY CAIN

“BABEKELWE umkhusu” abathandi be-gospel nabefundisi bamabandla ahlukene emuva kokuba kwethulwe umcimbi wamabandla wokuhlukanisa unyaka, iMayine Crossover Gospel Experience, ozokuba mhla ka-31 kuZibandlela (December), njengoba abahleli bawo bethi ihora leshumi nambili kuzoba ngelekhethelo. Lo mcimbi wethulwe ngoLwesine ebusuku eLittle Havana, eMhlanga, eThekwini.

Ekhuluma nabefundisi umhlelo walo mcimbi, uSibongiseni Mbambo, unxuse ukubambisana nabo ngenhloso yokwenza iMayine ibe yimpumelelo. Uthe ngaphandle kokuthi lo mcimbi ngowokuhlukanisa unyaka ngendlela ehlukene, kodwa ufisa nokuthi abafundisi babe yizicukuthwane kuwona, ngenhloso yokubabonga ngemisebenzi abayenzayo ukukhulekela isizwe esikhahlanyezwe yizinkinga ezahlukene. Uthe minyaka yonke kuba nemcimbi yobumnandi ngosuku lokuhlukanisa unyaka bese kuthi labo abangazihlanganisi nayo, bazithole bengenayo indawo yokuzithokozisa ngendlela ehambisana nabo. “Sikhethe ukuthi nabathandi be-gospel bangasali ngosuku lokuhlukanisa unyaka,” kusho uMbambo othe lo mcimbi bazowenza minyaka yonke.

KUSUKELA kwesobunxele ngumculi we-gospel u-Ayanda Ntanzi, umsunguli weMayine Crossover Gospel Extravaganza uSibongiseni Mbambo nenkakha engumsunguli weJoyous Celebration, uLindelani Mkhize.

Uthe kule minyaka emithathu ezayo bazowenzela e-Inkosi Albert Luthuli International Convention Centre. “Kungenzeka uma sibona ukhula siwukhiphe lapha siyowenzela enkundleni yezemidlalo enkulu ngoba siyazi ukuthi baningi abantu abazifela ngomculo wegospel,” esho.

Uveze ukuthi basezinhlelweni zokuqala umkhankaso wokuhambela izindawo ezahlukene, okuhlanganisa nezikhungo zemfundo ephakeme ngenhloso yokunxenxa abantu ukuba basheshe bawathenge amathikithi. “Nakuba ngingazimisele ukuveza okuningi kodwa ihora leshumi nambili lizoba yisipesheli kakhulu ngoba kukhona esikuhlelayo ukuthi abantu bangene ngendlela eyehlukile ku-2025,” kusho uMbambo.

Ngakolunye uhlangothi, uLindelani Mkhize ongomunye wabasunguli beJoyous Celebration, uthembise ukuthi bazohambela amabandla ahlukene bekhetha abaculi abazohlanganisa ikhwaya ezobonakala okokuqala kulo mcimbi. “Siyazi ukuthi liningi ikhono elicashe emabandleni, ngakho uma sesivakashela amabandla sizokwazi ukukhetha bese sihlanganisa ikhwaya ezojabulisa abantu okokuqala mhla ka-31 kuZibandlela,” kusho uMkhize.

Amathikithi alo mcimbi atholakala eWebtickes kusukela ku-R350 aze afinyelele ku-R1500 awezitatanyiswa. Kuboshelwe iJoyous Celebration, uBenjamin Dube, uRebecca Malope, u-Ayanda Ntanzi, uDr Tumi, uLusanda Beja, uLebo Sekgobela, uDumi Mkokstad, uTimothy Myeni, uJumbo, u-Andile KaMajola, uMpumi Mtsweni, uXolly Mncwango, uSindi Ntombela nabanye.

Previous articleKuboshwe nephoyisa laseNtuzuma “kwabefuna umgwazo wokugqiba icala”
Next articleKubulawe nezingane kuqothwa amalungu (7) omndeni owodwa eHlokozi