PHUMLANI GAMA
BASHAYE indesheni emalungeni eqembu labo abaholi be-IFP ukuba abambisane nabo ukuze kufezeke iphupho labo lokuhola uHulumeni waKwaZulu-Natal.
UMfu Thulasizwe Buthelezi oyimeya yaseZululand, uMnu Mfananaye Mathe oyimeya yaseJozini, uMnu Mntomuhle Khawula oyilungu lesishayamthetho lesifundazwe nabanye abaholi beNkatha, bebehlangene namalungu aleli qembu enkundleni yezemidlalo eMzumbe, ngoMgqibelo.
Baqale ngokungena emizini yamalungu omphakathi, benxenxa amavoti.
Ngenkathi sekuhlangenwe enkundleni, amalungu aleli qembu anikwe ithuba lokuveza izimvo zawo.
Kuhambe phambili inkinga yokugqoza kwamathuba emisebenzi emiphakathini ahlala kuyona.
Ethula inkulumo yosuku uMfu Buthelezi, uthe bakhathazekile ngenhlalonhle yabantu njengoba kunemindeni ehlala ezindlini eziwayo, kungekho imigwaqo engenela emizini yabantu, zingekho nezinhlelo zokuthuthukisa intsha ngamakhono.
Uthe kumethusile ukuthi kule ndawo kazikho izinhlelo zokufukula intsha.
“Intsha ihleli emakhaya, kayisebenzi, ngoba abasezikhundleni banikana bodwa amathuba emisebenzi.
“Sizokuqeda-ke lokhu ngoba uMntwana waKwaPhindangene wasifundisa ukuthi abantu kumele banikwe amakhono,
bakwazi ukuzakha nokuzenzela, bengathembeli ezijumbaneni zokudla abazozidla namhlanje ziphele kusasa.
“Intsha yaseMzumbe sizoyicija ngamakhono, siyinike nezinsizakusebenza ukuze ikwazi ukuzimela njengoba senzile eZululand, sathenga izinsizakusebenza. EJozini ngikhuluma nje, intsha yakhona inama-wi-fi,” kusho uButhelezi.
UMathe ucele amalungu aleli qembu ukuba asebenze ngokuzikhandla, alingise awebandla labaPhostoli.
“Abazalwane basePhostoli kabakhathali, noma bangafika ekhaya lomuntu baphatheke kabi, bayabuya ngosuku olulandelayo bezoshumayela.
“Namuhla silapha ngenhloso yokwethula isikole sokufundisa ngokuvota.
“Sifuna ukuyiqeda le nto yokuthi abantu babone sengathi kuyisiko ukuvotela i-ANC, kodwa sifuna bavote ngonembeza,” kusho uMathe.
Yethula inkulumo yokuvala iNkosi uBhe-kizizwe Luthuli, ithe kuyakhathaza ukuthi abantu abaningi sebayihlubuka i-IFP, ekubeni benolwazi oluningi ngokusebenza kwayo.