SKHOSIPHI MTHEMBU
IDUTSHULWE yabulawa ngentululwane yezinhlamvu ngabantu “abebeyofuna ukwelashwa” ngeSonto emini, isesigodlweni sayo inyanga yaKwaMaphumulo. Kuthiwa uMnu Phendukani “Nkosiyezinyosi” Ncube (42), udutshulwe ngabantu obaqale bazenza abayofuna usizo lokwelashwa.
ILANGA lithole ngomthombo walo ukuthi uNcube ubengakaze abike lutho mayelana nokuxabana nabathile kumbe ukusongelwa. Uqhube ngokuthi bathole ukuthi ngaphambi kokuba abulawe, kunomuntu obelokhu emshayela ucingo kusukela ngoMgqibelo emini, emazisa ukuthi uzoya esigodlweni sakhe ngakusasa eyofuna usizo. Uthe lo muntu umtshele ukuthi uzothumela abafana bakhe ukuyolanda lokhu abekudinga. Nangalo usuku lwesigameko, umthombo uthe kunocingo obelulokhu lungena, kukhona ababuza indlela eya esigodlweni sikamufi.
Ilungu lomphakathi ebelikhuluma neLA-NGA – elicele ukuba kugodlwe igama lalo ukulivikela – likhale ngesihluku esisetshenziswe yizigebengu njengoba lithi lapho edutshulelwe khona, bekunenqwaba yamagobolondo ezinhlamvu. Lithe kakwaziwa ukuthi yini imbangela yokubulawa kwakhe, kodwa umufi ubewusizo kakhulu njengoba ebedume ngokwelapha endaweni.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uConst Thenjiswa Ngcobo, usiqinisekisile lesi sigameko, wathi amaphoyisa avule icala lokubulala, bekungakaboshwa muntu.
skhom@ilanga-news.co.za