KUPHUME izidumbu zabesifazane nezingane emndenini wakwaDlamini, Kwa-Mtholo, eMtubatuba ngesikhathi kugasele amaphoyisa mbumbulu entathakusa yayizolo ngoLwesithathu afika athi afuna ilungu lawo atshelwa ukuthi kalihlali khona, emuva kwalokho avulela ngenhlamvu. Kulesi sigameko kubulawe isalukazi salo mndeni, uNkz Thembelihle Dlamini (60), yindodakazi yakhe uNkz Nokuthula Dlamini (42) nezingane ezimbili uMelokwakhe Dlamini (7) no-Alondwe Khanyile (1). Izidumbu zabo zokhelwe ngomlilo yibo ababulali ngaphambi kokuba bashaye utshani.
ILANGA lithole ukuthi ababulali bafike kulo mndeni bazibiza ngamaphoyisa, bawuphoqa ukuba ubavulele endlini. Leli phephandaba likhulume nelungu lomndeni elingeke lidalulwe ukulivikela eliveze ukuthi uNokuthula ubeyilungu leCommunity Policing Forum endaweni. Lithe akukho abakucabangayo obekungenza kuze kuhlaselwe umndeni ngale ndlela. “Besilele ngesikhathi ngizwa ugogo ememeza ethi masivuke. Ngilunguze ngewindi ngabona owesilisa obezulazula, ezungeza indlu, ekhayisile. Ngisathuswe yilokho, ngizwe omunye esekhuluma noThembelihle obesevele ngewindi, naye ebuka ukuthi kwenzekani. Ubuze ukuthi uphi uSimphiwe okuyigama lelinye ilungu lomndeni lalapha ekhaya.
“UNokuthula uthe akamazi ukuthi uphi, akahlali lapha ekhaya. Umphoqile ukuba aphumele ngaphandle, bahamba bayovula kule ndlu obekuhleli kuyona uThembelihle. Bafike bavusa nomunye umalume obesendlini nezingane, babahlalisa phansi. “Babuze uNokuthula ukuthi ungubani, okuthe eqeda ukuzisho igama, bathi kanti nguyena lona, bamdubulela khona lapho. Umalume uphunyukile waphuma ngewindi washiya u-Alondwe abemgonile ngesikhathi kudutshulwa. “Nami ngibalekile, okuthe uma ngilunguza ngabona umuntu ekhombe ngesibhamu elinye ilungu lomndeni ebeselilele phansi kunsaza igazi. Ngibalekile ngayocela usizo komakhelwane,” kusho leli lungu lomndeni.
Liveze ukuthi isidumbu sikaMelokwakhe sitholwe embhedeni ngasewindini, sishile. EsikaThembelihle sitholakale ngasekamelweni kanti esika-Alondwe sitholwe lapho umfowabo kaNokuthula emshiye khona, zonke bezishisiwe. UNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal, uMnu Sihle Zikalala, ukhiphe isitatimende egxeka isenzo sababulali. Ucele amalungu omphakathi angaba nolwazi ukuba abikele amaphoyisa ukuze kuzoboshwa izigilamkhuba. Okhulumela amaphoyisa Kwa-Zulu-Natal, uBrigadier Jay Naicker Thenjiswa, uthe kuvulwe amacala amane okubulala kanti amaphoyisa asaphenya. skhom@ilanganews.co.za