AbeComrades Marathon baxwayiswe ngocansi

749

MZWAMANDLA ZONDI 

UDONSE ngendlebe abasubathi abazoba yingxenye yeComrades Marathon yanonyaka – ezokuba mhlaka-9 kwephezulu, isukela eThekwini isongwe eMgungundlovu – ukuba bazile ucansi umqeqeshi wabagijimi, uProdigal Khumalo.

UKhumalo ubekhuluma nabasubathi beHollywoodbets Athletics Club ngesikhathi kune-send-off yabo ngeledlule eKings Park. UKhumalo onamagolide amabili kulo mjaho, uthe: “Abasubathi kuzofanele bazibe ucansi kuze kudlule iComrades. Ukwenza ucansi kuwumsebenzi onzima kwawona, manje okubalulekile wukuba singazigqilazi izinyama njengoba izinsuku zingasekho.” 

Uqhube wathi ukuze umsubathi agijime kahle lo mjaho, kuhle ukuba awuhloniphe, angaqali ngesivinini esiphezulu ngoba amandla uzowadinga kakhulu uma esudlula ku-half way

Uthi kuyingozi ukugijima ngamateki namasokisi amasha. “Into entsha iyingozi kwiComrades. Ngeke ugiji-me iComrades ngeteki elisha kanjalo nesokisi. Amanye amasokisi ayakulimaza, ugcine ungasagijimi kahle. Ungayidli into ongayijwayele emgwaqweni ngoba lokho kungaphazamisa umjaho wakho, ugcine isikhathi esiningi usichitha ungena ehlathini,” esho. 

Uphethe ngokufisela bonke abasubathi umjaho omuhle kanti yena uzokube engagijimi nonyaka. 

Previous articleUmunyu ufakazi ethula ubufakazi kwelababulawa “yizinkabi” zowayeyikhansela
Next articleLivele enkantolo ikhansela “elishaye” abeMK kubangwa izihlalo