Abefundisi baphume ngesamagundane emngcwabeni womculi we-gospel

270

PHUMLANI GAMA

BAPHUME ngesamagundane abefundisi ababili abayizinyanga ezidumile KwaZulu-Natal, emngcwabeni wesihlabani somculo weZayoni, isikhalanga, uMfu Thulani Manana, obungeSonto, eStanderton, eMpumalanga. Lokhu kuholele ekutheni uMfu Fakazi Mlaba noMfu Sibiya, odum AngelikaDr 2+2 – elingatholakalanga imama lakhe – bangalubhadi emathuneni okubekwe kuwona uManana. 

UManana – obengowokudabula eMpumalanga kodwa ezinze eSwazini naseGoli – uxinwe wukugula isikhashana, wadlula emhlabeni esesibhedlela iBethesda, oBonjeni. Ukufa kwakhe kwandulelwe wukufika kwakhe eMtubatuba lapho abeyobambisana noMfu Mlaba ngomsebenzi wokungcwaba ingane edlule emhlabeni engozini yemoto ebandakanya nengane kaMlaba. 

  Ngosuku lomngcwabo wengane, akabuyelanga kwakhe, uvuke ngosuku olulandelayo waya eBhambanana, emzini kaSibiya. NgoLwesine laba baholi – ngokubambisana nozakwabo emkhakheni wezenkolo nokwelapha ngokwesintu – bebehlele isiguqo sookuvaleliswa kukaManana. 

UKUSUKA kwesobunxele ngumufi uMfu Thulani Manana, nguMfu Sibiya (elingatholakalanga igama lakhe) noMfu Fakazi Mlaba. 

  Ekhuluma neLANGA uMlaba, uthe kuningi okungalungile okwenzekile maqondana nabo. Uvumile ukuthi baphume ngesamagundane kulo mngcwabo. “Ngiyafisa nje ukuba ngikuchaze ukuthi thina kasimkhethanga uManana ukuthi abe ngumngani wethu, kodwa nguyena oweza kithina. Ufike lapha eMkhanyakude ngoba ezothwalisa mina ukuhlupheka obekungivelele. Thina sinamabandla ethu ngokwehlukana, kodwa siyathwalisana uma kunezimo ezivelile. Siqede ukungcwaba, walala lapha kwami. 

“Ngosuku olulandelayo, kufike umfowethu uSibiya, sahamba sonke siyodla inyama edolobheni eMtubatuba. Kuqedwe lapho uManana noSibiya balibhekisa eJozini, okuthe besendleleni, wakhala ngokuphelelwa ngamandla. Uphuthunyiswe emtholampilo eJozini kodwa ngokubona ukuthi isimo sibi, saqasha i-ambululense ezimele yasikhokhisa u-R31 000 ukumphuthumisa esibhedlela iBethesda. 

“Sixhumane nendodana yakhe, uMnu Trevor Manana, efike esibhedlela yambona esesimeni abekusona. Besesikhiphe enye imali yokuthenga umuthi eGoli. Kawufikanga lowo muthi, abahlengikazi basitshele ukuthi sekumenele. Sibuzwile ubuhlungu bokuthi uManana udume izwe lonke, kodwa ukufa kuzomthathela lapha kithina eMkhanyakude. NgoMgqibelo sifikile emndenini wakwaManana sakhipha inkomo yesipheko njengoba abantu bebebaningi. Sishaqekile uma sesizwa ukuthi siyafunwa, kunabantu abasisongelayo, kuthiwa kufanele sibanjwe. Kuthe uma siphuma ngezimoto zethu emngcwabeni, kwaba nezinye izimoto esingazazi ebezisijaha,” kusho uMlaba. 

ILANGA lixhumane noNkk Nomusa Manana, uMaLukhele, othe kabakuqaphelanga ukuthi kunabangaphathekanga kahle. 

“Kuningi okuhle okwenziwe nguMlaba noDr 2+2 ngezindleko zomsebenzi womngcwabo. NgoMgqibelo bafike nenkomo. Bebengaqali ngoba iningi nemali abayifakile ngaphambi kokuqalwa kwamalungiselelo omsebenzi. Kasazi ukuthi kungani bebengafakwanga ohlelweni ukuze bezolandisa isizwe ukuthi uhambe kanjani uManana. Abantu abaningi bebekhuluma nje, kodwa abantu obekufanele bakhulume yilaba ababili. Ngakolunye uhlangothi umsebenzi uhambe kahle, bekukhona nabavela kwamanye amazwe.” esho. 

Previous articleKusolwa umelusi ngokufa kwamalungu omndeni obumqashile
Next articleUbulawe ngamaphoyisa owesilisa waseNanda obefunelwa amacala okubulala