AbeNkatha bavimbe ungqongqoshe “obeyophazamisa” umkhankaso wabo

168

MTHOBISI SITHOLE

UHLANGANE nezimbila zithutha, ziholwa ngemhlophe phambili uNgqongqoshe wezokuHlaliswa KwaBantu kwaZulu-Natal, uMnu Sipho Nkosi (osesithombeni), ochithwe ngamalungu omphakathi okusolwa ukuthi angabalandeli be-IFP, kwabhuntsha imbizo abeya kuyona oPhongolo ngoLwesihlanu. Kuthiwa kule mbizo uNkosi ubeyohlangana nomphakathi ngezinhlelo zentuthuko. 

Kubikwa ukuthi amalungu omphakathi ayichithile njengoba ibiqondene nomkhankaso we-IFP, ekhala ngokuthi uhulumeni obusayo usuthembise kakhulu, kodwa ungazifezi izethembiso zakhe kule ndawo.

USihlalo we-IFP KwaZulu-Natal, uMnu Thami Ntuli, uncome isenzo sala malungu omphakathi, wathi inhloso yembizo kaNkosi bekuwukuphazamisa umkhankaso weqembu lakhe obuseShoba, khona oPhongolo. Uthe ungqongqoshe ukhombise ukuba ngusomathuba, esebenzisa izinsiza-kusebenza zikahulumeni ukuze acoshele iqembu lakhe amaphuzu ezepolitiki. 

Utshele umphakathi ukuthi kufanele uqaphele njengoba izikhulu zikahulumeni sezilokhu zivula nezakhiwo
ezavulwa eminyakeni edlule.

UNkosi akatholakalanga ukuphawula ngalesi sigameko. Umnyango wakhe ngesikhathi uthintwa, wethembise ukuphawula kodwa kwaze kwashaya isikhathi sokuloba ungakaphenduli. 

mthobisis@ilanganews.co.za

Previous articleI-DA izwakalise ukukhathazeka ngokuthula kweMeya yeTheku kolokubulawa kwezisebenzi
Next articleKuhlehle umngcwabo umndeni ufuna iqiniso “ngobulawe” yi-lift