Abiza u-R100 awe-final yeMTN8

1520

INTATHELI YELANGA

AQALE namhlanje ukudayiswa amathikithi e-final yeMTN8 ezokuba phakathi kwe-Orlando Pirates neMamelodi Sundowns mhla ka-7 kuMfumfu (October) ngo-18h00 eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.

Atholakala eTicketpro ezweni lonke, kanti libiza u-R100 lilinye. Ungawathenga na-online ku: www.Ticketro.co.za.

Kulindeleke ukuba aphele ngokushesha njengoba kubhekwe nesinedolo kulo mdlalo.

IPirates izokube ivikela inkomishi eyayihlwitha kwiDowns ngesizini edlule, ihlula AmaZulu FC ngo-1-0 wegoli likaMonnapule Saleng, khona eMabhida. Yafika kowamanqamu nje, yayikade ilobole iDowns ngo-3-0 kwi-semi final.

Previous articleELAKUSASA
Next articleLwasilimaza ezingqondweni ubandlululo lwamaBhunu