Kuthiwe kumele bathobeke ngaso sonke isikhathi emsebenzini
NOMFUNDO NGWANE
BADONSWE ngendlebe ngelinye lamadlozi oKhozi FM asadla anhlamvana ukuba baqikelele ukuhlonipha, nokuthobeka emsebenzini wabo nakubalaleli abasakazi balesi sikhondlakhondla somsakazo abebephume ngothi lwabo izolo ngeSonto esigodlweni saseMlambomunye, eWaterfall, eMgungundlovu, kujatshulelwa ukuphuma kwezibalo zabalaleli zaze zayoshaya ku-8 million. UKhozi belusakazela bukhoma eMlambomunye.
UDkt Bhedlindaba “VVO” Mkhize, owazakhela igama kulo msakazo eminyakeni edlule usabizwa ngeRadio Zulu futhi ongumnikazi wesigodlo saseMlambomunye, utshele abasakazi boKhozi ukuthi uma bebambe kahle eyokuhlonipha nokuzithoba, umsakazo uyokhula kakhulu kunakuqala.
Ubudlelwano bukaDkt Mkhize noKhozi FM busavutha namanje njengoba enesiqeshana esithi “Ingono Yomsamo” njalo ngoLwe-sithathu, esibeletha ohlelweni lukaDudu “Lady D” Khoza, oluthi Jabul’ Ujule.
“Ngesikhathi umphathisiteshi (uNkz Sbongi Ngcobo) engithumelela umyalezo, engazisa ngokukhula kwezibalo, kungifikele ukuthi kungaba kuhle ukuthi siyijabulele into enhle eyenzekayo,” kusho uDkt Mkhize kulo mcimbi obekufinywa ngendololwane kuwona – inyama kuyiziduli zabasali.
UNkz Ngcobo uthe ukufinyelela kwabo kulezi zibalo akwenziwanga wukuhlakanipha kwabo, kodwa kungenxa yokusebenza kanzima, wukubambisana nokukhathalela abalaleli balo msakazo.
Ubonge ababengabaphathi balo msakazo phambilini ngokuba nesandla ekutheni isibalo sabalaleli size sifinyelele ku-8 million.
Lo mcimbi ubuhanjelwe yilabo abake baba yizikhulu zalo msakazo phakathi kwabo obekukhona uMnu Bonga Mpanza noZamambo Mkhize, abake baphatha lesi siteshi.
Uhlelo beluphethwe ngesinono nguNonhlanhla “Mroza” Buthelezi ebambisene noThokozani MaMkhize Ndlovu.
UDkt Mkhize wayeyibambe nabasakazi okubalwa kubona uWelcome “Bhodloza” Nzimande, uCyril “Kansas City” Mchunu, uSjula Mnisi, uDouglas “Lafa Kanjalo-ke Ikhehla” Mfeka, uMuvo Maphalala (abangasekho), uWinnie Mahlangu ukubala abambalwa.nomfundo@ilanganews.co.za