Abokufika balahlwe ngelakubo bebanjwa nempahla kamasipala ebiza u-R1.9 million

131

PHUMLANI GAMA

BALAHLWE ngelakubo sebeqede konke abesilisa ababili abangabokudabuka eMozambique, ababanjwe wuphiko loKlebe nempahla kaMasipala weTheku, eyebiwe, elinganiselwa ku-R1.9 million. 

Lolu phiko – ngokubambisana nohlaka olutshalwe wuhulumeni waseNingizimu Afrika ukulwa nobugebengu emngceleni ohlukanisa leli neMozambique, iKosi Bay Border Management (BMA) – lubophe laba besilisa abaneminyaka ephakathi kuka-31 no-41 ngemuva kokubanjwa oqotsheni namalambu okukhanyisa emigwaqweni yeTheku. 

ILANGA lithole ukuthi oKlebe neBMA bebenze isivimbamgwaqo – bevimba zonke izimoto okufanele zingene eMozambique. 

Abasolwa bebehamba ngeveni eyi-ISUZU, ebidonsa inqola, nayo ebigcwele inyinyitheka amalambu kamasipala. 

Ngemuva kokuba kutholakale ukuthi abasolwa banamaphepha akuleliya lizwe, kodwa balayishe impahla kamasipala wakuleli, kubizwe isisebenzi somkhandlu ukuqinisekisa ukuthi ngabe ngeyeTheku ngempela yini. 

Kulapho siveze khona ukuthi umkhandlu usebenzisa u-R35 000 uma uthenga ilambu elilodwa. 

Okhulumela oKlebe KwaZulu-Natal, uLt-Colonel Simphiwe Mhlongo, uthe uphiko lwabo belucuthe kule ndawo ngoba kunomkhondo oluwulandelayo kanti kuzofika abasolwa. 

Leli phephandaba lizamile ukuthola izwi kuMasipala weTheku, kodwa zonke izisebenzi elikhulume nazo bezizihlangula. 

Ngasekuqaleni kwenkulumo ebiphakathi kukaNkz Gugu Sisilana – okhulumela uMasipala weTheku – naleli phephandaba, akakhombisana ukuthi unenkinga kodwa ushintshe phakathi nayo, wathi ngeke akwazi ukuphawula ngalo ngoba usekhefini. 

Unxuse ukuba kuthintwe amaphoyisa. 

phumlani@ilanganews.co.za

www.ilanganews.co.za

Previous articleI-IEC ishaya indesheni kubavoti
Next articleKunqamuke isibonelelo sengane okuthiwa seyashona