Abokufika ecaleni lokudlwengula

569

Kuthiwa batshele isisulu ukuthi bazosidayisa kwelinye izwe uma sebeqedile ngaso

Unina wengane esiligodlile igama lakhe ukuvikela indodakazi yakhe, uthathwe phambi kwendlu okunukubezelwe kuyona indodakazi yakhe. 
Kwesingezansi umphakathi ubu-bhikisha enka-ntolo uphikisana nokuthi abasolwa bathole ibheyili .
IzITHOMBE NGU: SANDILE MAKHOBA

NOMFUNDO NGWANE

IPHUNYUKE emlonyeni wengwenya intombaza-nyana (12) yasoGobandlovu, eMpangeni, okuthiwa ibisizoshushumbiswa iyodayiswa kwelinye izwe ngabesilisa ababili bokufika, okuvela ukuthi bayidlwengulile beshintshana ngayo ngoMgqibelo ebusuku. 

Abasolwa ababili bavele eNka-ntolo yeMantshi yaseSikhaleni (Sikhawini) ngoLwesibili. 

ILANGA lizifikele mathupha endaweni yesigameko, laxoxa no-nina wesisulu esiligodlile igama lakhe ukuvikela ingane.

 Uveze ukuthi indodakazi ye-hlelwa yilo mshophi nje, ibiha-mba nezingane zakubo ezindala kunayo ziyobamba amatoho eFlea Market eba khona njalo ngoMgqibelo eSikhaleni. 

“Sithole ukuthi ngesikhathi izi-ngane zimatasatasa zisebenza emini, kuqhamuke intombazane yasendaweni eyaziwayo, yabiza indodakazi yami yahamba nayo yangazitshela lezi ezinye izingane ukuthi bayaphi. 

“Zize zabuya ekhaya ntambama ingane ingabuyile. Size sayolala ingane singayazi. Sizamile ukuyi-bheka komakhelwane nasemigwa-qweni abantu besitshela ukuthi igcine ukubonakala ihamba nale ntombazane. 

“Siye emaphoyiseni sayovula idokodo lokunyamalala kwengane. NgeSonto ekuseni, uyise wengane namanye amalungu omphakathi bavukele endlini yale ntombazane esitshelwe ukuthi ingane ibiha-mba nayo. 

“Sifike endlini yayo kugcwele abantu besilisa, bephuza utshwala, kwathi uma sibuza ingane, yasiphendula ngokudelela, yasi-tshela ukuthi masihlukane nayo phansi kayiyazi ukuthi ingane ikuphi,” kusho unina wengane. 

Uthi baze bangena endlini yayo le ntombazane beyobheka, bayi-tshela nokuthi udaba bayolubika emaphoyiseni. Ngesikhathi befika esiteshini samaphoyisa, bathole ucingo oluvela kule ntombazane – egcine ukubonakala nengane – ibatshela ukuthi mabajike ngoba ingane isitholakele. 

Utshele ILANGA ukuthi bafike ingane ihleli endlini yayo le nto-mbazane, isigqokiswe ezinye izi-mpahla abangazazi, isaba ngisho ukukhuluma, ibukeka ithukile. Bayithathile bahamba nayo bayi-phosa imibuzo, yaqala yasaba ukuveza iqiniso. Uthi uyise we-ngane wayithethisa, yaqala ya-chaza ngokwenzekile. 

“Ithe le ntombazane iyithathe yayoyivalela endlini yayo, yayishiya nabasolwa ababili omunye wabo uyisoka layo. Iveze ukuthi abasolwa bayinukubeze ubusuku bonke beshintshana ngayo bebeke ummese eceleni kwayo, be-yisabisa ngokuthi uma ike yabanga umsindo bazoyinquma. 

“Bayitshele ukuthi uma se-beqedile ukuyinukubeza, ba-zoyidayisa kwelinye izwe,” kusho unina wesisulu. 

Uthi bayithathe ingane bayiphuthumisa esibhedlela ngenxa yokuthi ibi-ngasakwazi nokuzihambela kahle, ikhala nangokuthi iphelelwa ngamandla. Esibhedlela kutholakale ukuthi ilimele kakhulu, idinga nokululwa amanyo-ngo. 

“Kunzima nokuthi ngilale uma ngicabanga into eyehlele indoda-kazi yami. Yingane ehloniphayo le, enomoya ophansi. Yehlelwe yilo mshophi nje ibithi iyozizamela imali yesinkwa. Yinto eziyijwa-yele ukuyobamba amatoho e-flea market uma kuwuMgqibelo. 

“Ngiyafisa ukuthi umthetho we-nze ubulungiswa, abasolwa baje-ze ngale nto ukuze kuzovikelela nezinye izingane,” kusho yena. 

Okhulumela amaphoyisa Kwa-Zulu-Natal, uCapt Nqobile Gwala, uthe amaphoyisa abophe abaso-lwa ababili ngaleli cala, bavelile enkantolo ngoLwesibili isicelo sabo sebheyili sachithwa. Uthe amaphoyisa ayaqhubeka nophenyo. 

Previous articleKudungeke izinhlelo zoSuthu
Next articleUnesi ecaleni lokudlwengula isiguli