Abomculo we-gospel nokukhumbula owoKhozi

209

MTHOBISI SITHOLE

UZOVEZA amagalelo owayengumsakazi woKhozi FM, umcimbi wokholo okuhloswe ngawo ukuqhakambisa umsebenzi wakhe kulo nyaka. IVukile Gospel Festival, kuthiwa kulo nyaka izobeka phambili u-Irvin Sihlophe obesakaza oKhozini oshone nyakenye. Lokhu kuvezwe uPastor Mjosty okunguyena oseqhulwini ekuhlelweni kwalo mcimbi ozokuba kuGu Sport and Lesuire, ePortshepstone mhlaka-31 kwephezulu. Uthi imisebenzi kaSihlophe kubaculi bokholo, ibonakele kodwa kulokhu yisikhathi sokuthi ibekwe obala. Uveze ukuthi bakhethe nokumema namaciko omculo wokholo abengakaze abeyingxenye yeVukile.

“Yingoba umsebenzi kaSihlophe mukhulu, ngakho-ke simeme abaculi abanohlonze nalabo abangakaze babizwe kwiVukile,” kusho uMjosty.
Uthi kuzokwenzeka okwehlukile ngokuthi ihora elikhethekile lendumiso elibhekiswe kuSihlophe nemisebenzi yakhe emihle ayenzile endimeni yezobumnandi, ikakhulukazi kwabokholo. Uveze ukuthi umculi ozohola phambili lesi sigaba, uJumbo. “Kuzophinde kube nabafundisi abayobe bekhulekela nesimo sezulu esesidlule nemiphefumulo eminingi yabantu,” esho.

Uthi umcimbi uyovalwa u Dr Tumi odume ngoku gcwalisa izindawo ezinkulu ehamba yedwa. Utshele leli phephandaba ukuthi lo mcimbi bafuna ubeyindumezulu, yingakho bekhethe abaculi abanohlonze emkhakheni wokholo.

“U-Irvin besimthanda kakhulu, ngakho-ke akufanele umcimbi othinta negama lakhe singawenzi ngendlela efanele. Inkonzo yalo mcimbi inkulu ngoba simeme abafundi abaqhamuka kumahlelo ahlukahlukene,” kusho uMjosty.
Phakathi kwabaculi ababoshelwe kulo mcimbi, kubalwa uSipho Makhabane, Hlengiwe Mhlaba, uGah Ndlela, Pastor Ncanda, Thinah Zungu, Kholeka, Sgwili, Vuma Zion, Andile kaMajola nabanye. Uthi amathikithi aseyatholakala eShoprite, Checkers, Spar ngemali engango-R140, kuyaku-R500. Utshele ILANGA ukuthi umcimbi uzoqala ngehora lesibili ntambama.
Mthobisis@ilanganews.co.za

Previous articleAbafundi bagonyelwa umdlavuza wesibeletho
Next articleUsekubhaceni uthisha osolwa ngokubandakanyeka ekuqothweni komndeni