Abonge othisha amawele ayomela iNingizimu Afrika eSweden

144

THANDOLUHLE NGUBO

ABONGE othisha bawo ngewqhaza labo empumelelweni yawo amawele angabafundi baseBuhlebemfundo Secondary School, KwaDabeka, eThekwini ayomela iNingizimu Afrika emncintiswaneni wezamanzi eSweden ngoNcwaba (August) nonyaka.

USandisiwe noNkz Sanelisiwe Nhlozi (15), abafunda u-grade 10, batshele leli phephandaba ukuthi nakuba babedle umhlanganiso kwiNational Youth Water Prize, KwaZulu-Natal – ehlelwa wuMnyango wezaManzi nokuKhucululwa kweNdle – bebengalindele ukuthi bangehlula ezinye izifundazwe kulo mcintiswano kuzwelonke. 

Bathi kulo mncintiswano bekumele baqhamuke nezindlela ezintsha ezingasetshenziswa zokonga amanzi, ukubhekelela ukulungela kwawo ukusetshenziswa ngabantu nokuwagcina ehlanzekile. “Saqala ukuba yingxenye yalo mncintiswano ngoMbasa (April), siqhudelana nezikole zaKwaZulu-Natal,” kusho uSanelisiwe.

La mawele ahlabane ngendodo yokuqwaqwada zonke izikole ebe-ziyingxenye yalo mncintiswano, athola u-R15 000 umuntu ngamunye, amathikithi okuya eSweden, ama-laptop, u-R20 000 nemifundaze azofunda ngayo ezikhungweni zemfundo ephakeme. 

Abonge othisha bawo ababili, okunguMnu Lindelani Mvelase noNkk Phindile Mmema, abangabagqugquzeli bawo nomndeni wawo wonkana. Aveze ukuthi indlela yawo yokulungiselela le mincintiswano beyingelula njengoba ebengenazo izinsiza. Azwakalise ukuba nethemba lokuthi uma ebuya phesheya izindlela aqhamuke nazo zokonga nokugcina amanzi ehlanzekile, zizosetshenziswa esikoleni sawo.

UMvelase uthe kungokokuqala isikole sabo sifika ezingeni lokuyoncintisana namanye amazwe, yize kungokwesithathu singenela lo mncintiswano. Uveze ukuthi unethemba lokuthi amawele azokwenza ezibukwayo phesheya.

ngubo@ilanganews.co.za

Previous articleOweNdoni uhlanganise intsha ukuyikhumbuza ngesiko nangemuva layo
Next articleSisindiswe ngamaphoyisa isangoma “esiqole” umndeni wowamuka nomfula