Abonge ukwesekwa yiqembu lawo amakhansela abexoshwe eMvoti

260

PHUMLANI GAMA

noMTHEMBENI VUMA

ABONGE ukwesekwa yiqembu lawo namalungu omphakathi amakhansela awu-8 e-IFP, avunwe yiNkantolo eNkulu yaseMgungundlovu odabeni lokuxoshwa nokuvalwa kwemiholo yawo kuMasipala waseMvoti, eGreytown. 

La makhansela ayewu-9 esewonke – njengoba kukhona nele-ANC –  ayesolwa ngokungayihloniphi imithetho elawula ukusebenza kwawo. 

Isinqumo sokuxoshwa kwawo sathathwa yiziphathimandla zalo mkhandlu emuva kokuba zithole iseluleko esigunyaza ukuba kuthathwe lesi sinyathelo emnyangweni wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal.

NgoLwesibili lawa makhansela e-IFP abebize isigcawu sabezindaba, lapho ethe kakulona iqiniso ukuthi kawayanga
emihlanganweni yomkhandlu. 

Ethula inkulumo yakhe, uMfu Petros Ngubane (osesithombeni) ongelinye lala makhansela futhi oyimeya yaseMzinyathi, uthe baqoke ukubiza amalungu eqembu labo, beyowabonga ngemikhuleko yawo.

Previous articleAfuna izibhamu amalungu eCPF
Next articleImpelasonto enkulu ye-netball KwaZulu-Natal