AboSuthu bavelele kwiBafana

1343

Iqembu lakuleli libuyise isithunzi linqoba iCosafa Cup

IBUYISE isithunzi seNingizimu Afrika kunobhutshuzwayo iBafana Bafana inqoba indebe yeCosafa Cup ngokuguqisa iSenegal ngo-5-4 wamaphenathi
emuva kokuba umdlalo uphele ngo-0-0 izolo ngeSonto eNelson Mandela Bay Stadium, eBhayi. 

PHILANI NCALANE

BASHANELE imiklomelo emqoka abadlali bamaZulu FC emqhudelwaneni weCosafa onqotshwe yiBafana Bafana ihlula iSenegal ngo-5-4 wamaphenathi izolo eNelson Mandela Bay Stadium.

USiyethemba Sithebe uhlabane ngo-mklomelo wokuba ngumdlali ovelele kwathi uVeli Mothwa waba ngunozinti oqavile kulo mqhudelwano. UMotha uvimbe iphenathi wabuye wavalela phakathi ebucayi yeBafana. UVictor Letsoalo weBloemfontein Celtic ugoduke nowokuba ngumgadli ovelele ngamagoli amane. Bonke bathole u-R20 000. 

Lo mdlalo ubuphele ngo-0-0 esikhathini esejwayelekile okuphoqe ukuba udlulele kwi-extra time. Amaphenathi eBafana avalelwe nguLebohang Maboe, uSithebe, uSifiso Ngobeni, uMothwa noNyiko Mobbie kwathi u-Ethan Brooks wayishweba.

IBafana ingene kowamanqamu ngokunenebula iMozambique ngo-3-0 ngoLwesihlanu kanti iSenegal ihlule i-Eswatini ngo-3-0 sekukhahlelwa amaphenathi ngemuva kokuba umdlalo uphele ngo-2-2 ngosuku olufanayo.

ISenegal ibiyizimenywa kulo mqhudelwano njengoba iseWest Afrika. IBafana ingene kulo mdlalo nerekhodi lokungakaze yehlulwe kowamanqamu, futhi iye kuwona ingakaze yangenelwa ngisho yigoli elilodwa kulo mqhudelwano.

IBafana ihlomule ngo-R500 000, kwathi iSenegal yathola u-R250 000 ngokulala isibili. I-Eswatini ihlomule ngo-R150 000 ngokuqeda endaweni yesithathu, kwathi iMozambique ya-nikwa u-R100 000 ngokulala isine.

I-Eswatini iguqise iMozambique ngo-2-1 sekukhahlelwa amaphenathi ngemuva kokuba umdlalo wokubanga indawo yesithathu neyesine uphele ngo-1-1.

IBafana iqale lo mqhudelwano ngezinkinga njengoba uHelman Mkhalele obejutshwe ukuyilolonga noLucky Shiburi ocija onozinti kuvele ukuthi baneCovid-19. Lokhu kuphoqe ukuba bayozivalela izinsuku eziwu-10. Nokho-ke ngaphambi komdlalo we-semi final kudalulwe ukuthi kabase-nalo leli gciwane. 

Izintambo bezibanjwe nguMorena Ramorebuli owenze umsebenzi oncomekayo.

Previous articleKuthiwa uNgizwe ubalekela amaphoyisa
Next articleUdlame nokuzitapela ezitolo kuzowuguqisa umnotho