THANDOLUHLE NGUBO
AFUNA ukuhlinzekwa ngezibhamu zokuzivikela amalungu eCommunity Policing Forum (CPF) kwaL nakwaM, KwaMashu.
Lokhu kuvele ngoMsombuluko emhlanganweni wamalungu omphakathi, iCPF, izikhulu zamaphoyisa, abamatekisi, noMasipala weTheku, obekudingidwa kuwona indaba yobugebengu obukule ndawo.
Kulo mhlangano kuqapheleke ukuthi amalungu omphakathi abemancane, kugcwele aweCPF.
Aveze ukuthi kawaphephile ngoba kawanazo izibhamu zokuzivikela, yize ezinikele ekuvikeleni umphakathi.
Kuvele ukuthi sekuke kwaba nezigameko lapho amalungu eCPF ebanjwa inkunzi esemsebenzini wawo wokuvikela umphakathi.
Athe amaphoyisa kawazisukumelanga lezo zigameko njengoba ethi kwesinye kwaphela amahora angaphezu kwamathathu elindile.
Afune izimpendulo ngo-R70 million
owamenyezelwa nguNgqongqoshe wamaPhoyisa, uMnu Bheki Cele ngoNhlaba (May) nonyaka, okwathiwa ngowokubhekelela izidingo zeCPF emiphakathini.
Athe selokhu kwamenyezelwa, kawakaze athole lutho futhi kawaziswa nangokuqhubekayo okuthinta le mali.
Aphakamise nokuthi kulungiswe indaba yezibhamu eziphathwa ngabaqaphi bamakhansela nabosomatekisi, ngoba kuyenzeka kuzwakale ukuqhuma kwezibhamu ezifana nezabo ebusuku, kuthi ekuseni kutholakale kukhona abalimele, okugcina kungazeki noma balinyazwe yizibhamu zabo.