Ahlela ukuya enkantolo amakhansela (8) axoshiwe

363

NONHLAKANIPHO SHINGA

AMAKHANSELA awu-8 e-IFP akhonjwe indlela wuMnyango wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal ngoLwesibili, sekuvele ukuthi azimisele ngokulwedlulisela enkantolo lolu daba. 

La makhansela – esewonke awu-9 – akhonjwe indlela yilo mnyango oholwa nguNkk Bongi Sithole-Moloi emuva kokuba uSomlomo kaMasipala uMvoti, uMnu Mfundo Masondo, ewubhalele ewazisa ukuthi abekwe amacala okungayihambeli imihlangano yaze yaba mine. 

ILANGAlibikile kusukela la makhansela ebekwa amacala ngasekuqaleni kukaNtulikazi (July), okuthe ngomhla ka-24 kuNtulikazi, isigungu esiqondisa ubugwegwe kulo masipala, saphakamisa ukuba axoshwe. 

Ngemuva kokubekwa amacala, la makhansela anikwa ithuba lokubhala izincwadi, aziphendulele. Amaningi aphendula ngezincwadi ezifanayo, ethi ukhona othile ayemazisile ukuthi ngeke abe khona emhlanganweni, kepha lowo akayidlulisanga imiyalezo yawo.

Emakhanseleni ayekhala ngokunganikwa ithuba elanele lokuchaza, kwakukhona noMfu Petros Ngubane (osesithombeni) – oyimeya yaseMzinyathi – owayethi indlela okuphethwe ngayo umhlangano imenza afise ukubhalela ungqongqoshe athumele abantu abazofundisa ngokuziphatha kwamakhansela emhlanganweni. 

“Ngisho ephalamende, kuvumelekile ukuphikisa, uphakame novo lwakho, kodwa lapha sicindezelekile. Nifuna sizwe ngani, singazikhulumeli,” kusho yena.

ILANGA lihabule ukuthi uMfu Ngubane ubhalele uNkk Sithole-Moloi ethi kuyabethusa ukuzwa ukuthi baxoshiwe, ekubeni bona bengathintwanga yithimba aliqoka ukuphenya ngalolu daba ukuba baziphendulele. 

UMasondo uthe ngokwazi kwakhe, incwadi ebhalwe ngungqogqoshe iqeda nya ngobekuphakathi kwala makhansela nomasipala, ngakho-ke akasalindele ukuthi awabone emihlanganweni yomkhandlu.

UNkk Sithole-Moloi ukuqinisekisile ukuxoshwa kwala makhansela. (Lolu daba lushicilelwe ephephandabeni layizolo)

Previous articleSehlise amaphaphu isinqumo seBhange loMbuso
Next articleBaxwayise ngejele abaqola iNsfas