Uthi ukhule engumlandeli weMan united asengumgadli wayo ongaconsi phansi
UDALULA isifiso sakhe umdlali waseNigeria oke wathwala kanzima ngenxa ye-coronavirus.
IManchester United iboleke u-Odion Ighalo (30) waseNigeria kwiShanghai Greenland Shenhua yaseChina ekuqaleni konyaka.
Ufike kule kilabhu isimo samuncu njengoba abantu baseChina bebephela yi-coronavirus.
Ufike e-England wangahlanganiswa nozakwabo wahlaliswa yedwa ngoba kusolakala ukuthi kungenzeka ukuthi naye unalo mkhuhlane.
Ngokuhamba kwesikhathi ugcine ehlangene nozakwabo.
Kuvalwe iligi yase-England ngenxa ye-coronavirus lo mdlali evutha engabaselwe njengoba ubewaqhulula amagoli.
“Isifiso sami wukuthi ngingabuyeli eChina, iManchester United ingisayinise ngokugcwele.
“Ukuze nginqobe izinhliziyo zayo kuzofanele ngiqhubeke ngihlohle amagoli uma imidlalo yeligi ibuya.
“Kuyiphupho lanoma yimuphi umdlali ukugijima eqenjini elikhulu njengeMan U ngakho-ke ngifuna ukuhlala lana. Into abantu abangayazi wukuthi ngikhule ngingumlandeli wokuqina weMan U kangangoba benginezimpahla ngisho zayo,” kusho u-Ighalo.
Lo mdlali uzalelwe eLagos, eNigeria.
Ukhulele ekhaya elifudumele kwazise kubo bangamakholwa okuqina.
Usanda kuphumela obala ukuthi uyikholwa lokuqina futhi uyakufisa ngelinye ilanga ukuba ngumfundisi.
Ngendlela anothando ngayo lwabantu ingxenye yomholo wakhe usiza ngayo izingane ngemfundo eNigeria nangazo zonke izimfanelo ezizidingayo.
Lo mdlali uqale ukudlala egijima ekilabhini yangakubo iPrime nakwiJulius Berger okungamakilabhu angakubo.
Ubonwe yi-Agent ehlonishwayo yeFifa uMarcelo Houseman omxhumanise nozakwabo u-Atta Aneke.
Ube esezanyelwa inhlolokhono kwiLyn yaseNorway.
Ufike kule nhlolokhono wenza kahle wabe esenikwa inkontileka eneminyaka yobudala engu-18.
Le kilabhu ayizange inanaze yamfaka esikimini esikhulu wagijima umdlalo wakhe wokuqala ibhekene neViking koweligi esigabeni esiphakeme.
Akazange aphoxe njengoba
eshaye elinye lamagoli ikilabhu yakhe inqoba ngo-2-0.
Ngesizini yakhe yokuqala wenze kahle njengoba eshaye amagoli angu-6 emidlalweni engu-13.
Ukudlala kahle kwakhe ngalolu hlobo lumdonsele amehlo amaki-labhu amakhulu aseNorway njengoba abese emufuna uthuli.
IBrann okungenye yamakilabhu amakhulu eNorway, ibambe izi-ngxoxo neLyn okuthe sekuzoqedwa kwavele kwaqhamuka i-Udinise yase-Italy yamthenga ngemali eshisiwe.
IBrann ibike leli qembu kwiFifa kodwa yahlulwa ecaleni.
Ufike kwi-Udinise ngo-2008 wasayina inkontileka yeminyaka emihlanu nayo.
Azizange zimhambele kahle izinto kule kilabhu njengoba efike washaya udaka emidlalweni engu-6 ayigijimile.
Ngo-2009 le kilabhu ibe isimubolekisa kwiGranada yaseSpain.
Ufike lapha wawaqhulula amagoli njengoba ngesizini yakhe yokuqala eshaye angu-17.
Udlale iminyaka kule kilabhu okuthe ngo-2014 wabolekwa yiWatford yase-England ebigijima kwiChampionship.
Ufike kuyo wayisiza yanyukela kwiBarclays Premiership.
Ekupheleni kwesizinil ibe isimusayinisa ngokugcwele.
Ufike kwiPremiership wawashaya amagoli kungathi uyabukisa.
Kube sekuvela ukuthi kunamakilabhu aseChina amgabisela ngetshe le mali.
Lo mdlali ube esenquma ukuyishiya le kilabhu wajoyina iChangchun Yatai yakhona eChina ngo-2017.
Usolwe ngabalandeli beWatford ngokuba ngumuntu ononya ozicabangela yena kwazise le kilabhu ibisengcupheni yokugencwa yizembe.
“Imali ebengiyithenjiswa yilekilabhu yaseChina bekungelula ukuyinqaba ngoba bengibona ukuthi izophilisa inqwaba yabantu base-Afrika nomndeni wami imbala.
Ngiyayithanda impela iWatford kodwa bengingeke ngiyeke imali engaka bengiyophinde ngiyitha-thephi,’’ kubuza lo mdlali.
Nakuyona iYatai ufike wagila izimanga engalibheki ipali.
Ube eseheha iso lenye ikilabhu enkulu yaseChina iShanghai Greenland Shenhua emsayinise ngo-2019.
Ufike kule kilabhu wayikha ngamahalavu imali njengoba ubehola uR9.3-million ngesonto.
Kungakapheli sikhathi esingakanani efike kule kilabhu yaseChina ube eseshelwa yiBarcelona yaseSpain kodwa wayichitha wathi usagaya imali.
Ekuqaleni kwalo nyaka ube esebolekwa yiMan U nangempela waya kuyona.
“Isifiso sami wukuthi ngibuyise isithunzi sale kilabhu njengoba sibukeka sishona phansi.
“Engingakungabazi wukuthi zisazobuya izinsuku zenjabulo kule kilabhu, abalandeli bethu emhlabeni jikelele abalinde nje basazobona,’’ kuphetha u-Ighalo.
Okunye ongathanda ukukwazi ngalo mdlali:
Amagama: Odion Jude Ighalo
Usuku lokuzalwa: 16 June 1989
Iminyaka yobudala: 30
Uzalelwe: eLagos, eNigeria
Ubude: 1.81m
Indawo ayidlalayo: Ungumgadli
Ikilabhu adlala kuyo: YiManchester United
Inombolo yejezi: Ngu-25
Amakilabhu adlale kuwo
2005: Prime
2006: Julius Berger
2007/2008: Lyn
2008/2014: Udinese
2009/2010: Granada
2010/2011: Cesena
2011/2014: Granada
2014-2017: Watford
2017/2018: Changchun Yatai
2019/2020: Shanghai Greenland Shenhua
2020: Manchester United
Imidlalo eqenjini lesizwe:
2009: Nigeria U/20
2015/2019: Nigeria (35 imidlalo, 16 amagoli)