Izoqala imidlalo yeChampions League ihamba ngamagiya angefani
SENZO SOKHELA
UMQEQESHI we-Orlando Pirates, uJose Riveiro (osesithombeni), akeneme ngokwehluleka kwale kilabhu ukuhamba ngomgqigqo owodwa, osekwenze yavulelwa igebe zisuka nje ebhandeni yiMamelodi Sundowns eseyisiphendule esayo isicoco seligi yaseNingizimu Afrika. IPirates seyigconwa ngabanye abalandeli bakuleli ngokuthi ifana nomlilo wamaphepha njengoba ifike inqobe kahle emdlalweni, kuthi kolandelayo ishaye udaka. IBucs ihamba ngamagiya angefani nje, iphumele obala ngokuthi ifuna ukulwela ukuhlwitha isicoco seDStv Premiership kwiSundowns engagayelwa mphako, okufakazelwa wukunqoba kwayo yonke imidlalo esiyigijimile kule sizini. IDowns isisivikele amahlandla awu-6 kulandelana isicoco seligi.
IPirates izimisele nangokuhamba ibanga elide kwiCaf Champions League ezodlala kuyona kule sizini. Iqhathwe neDjabal yaseComoros emlenzeni wokuqala wokuhlungela iChampions League ozokuba ngoMgqibelo ngo-14h30 ekuhambeni. Ilibangisa eComoros nje, izenzele phansi ibambana neChippa United ngo-1-1 koweligi ngoLwesibili ebusuku eNelson Mandela Bay Stadium, e Eastern Cape. “Kangigculisekile ngendlela esenza ngayo. Sifike sinqobe kamnandi, ngokulandelayo singanqobi, kakuyona indlela ebengifuna ukuba siqale ngayo (isizini) lena. “Inhloso bekuwukuthi sibambe umgqigqo zibekwa ukuze singasali ezimbangini zethu,” kusho uRiveiro.
IDowns isesicongweni ngamaphuzu awu-9 emidlalweni emithathu kanti iBucs inawu-4 emidlalweni efanayo, osekwenze igebe lavuleka zibekwa kula makilabhu. Igoli leBucs koweChippa livalelwe enethini nguBandile Shandu kwathi elokulinganisa leChilli Boyz leza noGoodman Mosele. IBucs iye kulo mdlalo iyizimfivilithi ukuwunqoba njengoba itaxe iSekhukhune United ngo-5-0 kowe-MTN8 ngeledlule e-Orlando Stadium, eSoweto kanti yavula ngenduku ihlulwa yiStellenbosch FC ngo-1-0 koweligi.