akakafuni ukubuyela kubo owakuleli ose-spain

922

PHILANI NCALANE

AKAKATHANDI ukubuyela eNingizimu Afrika uSimphiwe Zungu (osesithombeni) ongumdlali waseMgungundlovu osanda kujoyina isikhungo sokuthuthukiswa kwabadlali seMalaga yaseSpain.

Unobhutshuzwayo umisiwe eSpain ngemuva kokubheduka kwe-coronavirus. Lo mdlali uhleli yedwa endlini njengoba beyalelwe ukwenza njalo ngemuva kokugadla mawala kwalo mkhuhlane. ISpain isilandela i-Italy ngokuba yisidleke salolu bhubhane.

UPatrick Hlabisa ongumqeqeshi wabadlali kwiBlue Birds Academy yaseMgungundluvu okuyisona esikhiqize lo mdlali uthi lo mfana akakaze abalise ngokufuna ukubuyela kuleli. UHlabisa nguyena ohambise lo mdlali kulesi sikhungo seMalaga.

“Alupheli usuku ngingaxhumananga naye. Unesizungu impela njengoba ehleli yedwa, nolimi akaluqondi kahle. 

“Nokhoke uhlale engitshela ukuthi akafuni ukubuyela kuleli. Usenethemba lokuthi lesi simo sizo-dlula. Izinhlelo zethu ngaye zinyomfekile nje-ngoba besihlele ukuthi aqeqeshwe iminyaka emibili egcwele. Sekulahleke isikhathi eside kakhulu njengoba ehleli endlini,” kusho uHlabisa.

Previous articleusenkingeni owodumo kumabhokobhoko
Next articlekuzophazamiseka imidlalo eminingi ngokuhlehla kwama-olympics