Akakugqizi qakala ukubatshazwa kwezethenjwa kwiComrades Marathon

145

MZWAMANDLA ZONDI 

AKAKUGQIZI qalakala ukubatshazwa kwezethenjwa zeComrades Marathon uNkosikhona Mhlakwana (osesithombeni) ongomunye wabasubathi baKwaZulu-Natal ababhekwe ngabomvu emjahweni wanonyaka ozosukela eCity Hall, yaseThekwini, usongwe eHollywoodbets Scottsville Racecourse, eMgungundlovu ngeSonto.

UMhlakwana – osubathela iHollywoodbets Athletics Club – uzokube egijima i-up run yakhe yesibili nonyaka, kanti uqeqeshwa nguProdigal Khumalo osezakhele udumo kwezokusubatha eNingizimu Afrika. “Sengilujahe kabi usuku lomjaho. Ngawenza lo mjaho ngo-2019 lapho engahluleka khona ukuthola indondo yegolide sekusele u-500m. NgeSonto ngifuna ukuthi uma ngifika kulowo 500m, ngigijime kube sengathi yikhona ngiwuqala umjaho. 

2nd place Nkosikhona Mhlakwana finishes the 2022 Two Oceans Ultra Marathon held at the University of Cape Town in Cape Town on 17 April 2022 ©Shaun Roy/BackpagePix

Ngiziqeqeshe eLesotho ngilungiselela lo mjaho lapho engihlale khona inyanga yonke, ngibuye ngayoziqeqesha e-Underberg nakhona ngihlale inyanga yonke kanti isikhathi esiningi ngiziqeqesha ngasekhaya KwaMathandubisi, eHowick,” esho.

UMhlakwana nonyaka akayigijimanga iTotalsports Two Oceans Marathon ngenhloso yokugxilisa umqondo wakhe kwiComrades. Emjahweni wanyakenye ungene unombolo-12 kanti ngo-2022 wathatha indawo yesithupha. “Abantu abaningi bakhuluma ngabasubathi baseNorth West uTete Dijana no u-Edward Mothibi okuyibona abenza kahle kulo mjaho kule minyaka edlule. Mina kangibafakile emqondweni. Bengiziqeqesha ngendlela yami nami, ukuthi ubani wenzani kanginendaba nalokho,” esho.

Usishayele ihlombe isenzo seComrades sokwenyusa imiklomelo isuka ku-R550 000 iya ku-R825 000 kubona bobubili ubulili.

zondim@ilanganews.co.za

Previous articleIphupho lomsubathi ngabesifazane abamnyama kwiComrades Marathon
Next articleKusolwa umona kubasubathi beComrades Marathon KwaZulu-Natal