INTATHELI YELANGA
KUVELA ukuthi akakulungele ukuquliswa icala uMnu Zandile Mafe osolwa ngokuthungela ngomlilo iphalamende, eCape Town. Lesi sinqumo sivele enkantolo ngeledlule emuva komphumela wolunye ucwaningo oluzimele lokuhlolwa kwengqondo olwalucelwe ngabammeli bakaMnu Mafe.
Lo mbiko uvele ngemuva komunye wocwaningo lwengqondo, owakhishwa ngongoti abaqokwa wuhulumeni. Inkantolo ikuvimbile ukuba imininingwane equkethwe yilolo cwaningo yenekelwe umphakathi.
Njengamanje uMnu Mafe – okusolwa ukuthi washisa iphalamende mhla ka-2 kuMasingana (January) nyakenye – ugcinwe esibhedlela sasejele iPollsmoor. Ijaji, uMnu Nathan Erasmus, lanquma ukuba uMnu Mafe abuyele enkantolo mhla lulunye kuMandulo (September) lapho kuzocaca khona ukuthi kuzokwenzekani ngaleli cala.