USthandwa Nzuza uthi ungene kwezikaqedisizungu engaqondile
LUCKY CAIN
USTHANDWA Nzuza ungowesifazane osezakhele igama emkhakheni wezobuciko njengoba abaningi bemazi engumsakazi wo-Khozi FM, abanye bamazela emidlalweni kamabonakude kanti nasemidlalweni yeshashalazi le ntokazi inalo igama.
Uyisiphalaphala sentokazi esisho ngephimbo elimtoti emsakazweni kanti nekhono lakhe kwezokulingisa kalingatshazwa.
Engxoxweni ekhethekile le ntokazi ebe nayo neLANGA, iveze ukuthi ingeyokuza-lwa eNewtown C, eNanda, eThekwini.
Ikhulele kuleli lokishi iyintombazane ebikhonze isikole nokuzihlalela ekhaya.
âKakukho okuningi ebengikwenza ngisakhula ngaphandle kokuya esikoleni, ngibuye ngenze umsebenzi wasekhaya njengengane yentombazane ebindala kwabo,â kusho le ntokazi eqale ukusakaza kwiDurban Youth Radio.
USthandwa uthi ithuba kwezokusakaza ulinikwe nguZowakha Mbatha obengu-Mphathi wezinhlelo kulo msakazo womphakathi, kodwa osesebenza kwiVuma FM. Uthi uMbatha uthe eqala ukumnika ithuba wamgixabeza ngohlelo lwasemini yasekuseni.
Ushaywe wukungabi nalwazi eyofunda e-DUT
âNgaleso sikhathi bengenza izifundo ze-Drama eDUT,â kusho le ntokazi. Iveze ukuthi ithe iqeda izifundo zayo yabe ithola ithuba eliyingqayizivele lokusakazela uKhozi FM.
âKube yinhlanhla enkulu ukuthola ithuba lokusakaza oKhozini FM njengoba kungikhulisile kulo mkhakha,â esho.
Uqhuba ngokuthi engumsakazi woKhozi ube nenhlanhla yokungena nasekulingiseni. Uthole ithuba lokulingisa emidlalweni yeshashalazi wabe eseqala nakumafilimu amafishane akhonjiswa kuMza-nsi Magic.Â
Ngesikhathi iqhubeka ingxoxo nale ntokazi, bekungicacela ukuthi izikhululekele futhi iyazifela ngomkhakha wezobuciko. Ithi ukungena kwayo kulo mkhakha kakubanga yinhloso yayo, kodwa kube wukugcwala kwezikhala esifundweni ebizimisele ngokuse-nza.
âBengifuna ukuba yiDietician kodwa ngenxa yokungazi lutho ngoCAO (ihhovisi okufakwa kulona izicelo zokufunda ezikhungweni eziphakeme kuleli) ) kangikwazanga ukufaka isicelo kusenesikhathi. Ngithe sengiyosifaka ngatshelwa ukuthi isikhala kasisekho kodwa esikhona ngese-zifundo zeDrama kuphela,â kusho uSthandwa.Â
Uthi ungene kanjaloke kulo mkhakha wezobuciko abengazi lutho ngawo.Â
Ingxoxo ebisaqhubeka ngokohlelo nale ntokazi, ijike yaba muncu ngesikhathi sekumele ichaze ngomuzwa wayo ngokuchithwa wuKhozi FM.
Kwamphatha kabuhlungu ukushiya oKhozini âEmpeleni kangithandi ukuphawula ngokuthinta uKhozi FM,â kusho uSthandwa ngamafuphi.
Kube nomzuzwana wokuthula ngaphambi kokuveza ukuthi kakumphathanga kahle okwenzeka kulo msakazo, kodwa usedlulile kukho njengoba ezichaza njengomuntu osheshayo ukudlulisa izinto ezingamphathi kahle empilweni.
âNgikukhonzile ukuhlala ngijabule ngaso sonke isikhathi futhi kangivumeli izinto ezingiphatha kabi ukuba zingibuse, ngiyazidlulisa ukuze ngihlale ngijabulile,â esho.
Kuzokhumbuleka ukuthi uSthandwa kuke kwaba nemibiko ethi ujoyina umsakazo, iVuma FM, okuthe ngokuhamba kwesikhathi kwagcina kungenzekanga. Echaza ngale mibiko, usole abezindaba ngokubika izinto ezingaqinisekisiwe.
Uthe akakaze asho ukuthi uzojoyina lo msakazo kanti nayo iVuma kayikaze ikuqinisekise lokhu. Uthi labo abasenesifiso sokumuzwa emsakazweni mabamlindele, kwazise kuzophela lo nyaka esezwakala kuwona. Akafunanga ukusho ukuthi uzojoyina muphi umsakazo kodwa uthembise ukuthi yinto ezokwenzeka.
Uzakhele udumo elingisa kwiHostela nakwiFalakhe USthandwa ungomunye wabalingisi abebehamba phambili emdlalweni obe nedumela, iHostela, obukhonjiswa kuMzansi Magic ngonyaka odlule.
 Lo mdlalo kulindeleke ukuba ukhuze ibuya maduzane kumabonakude. Ukuqinisekisile kuleli phephandaba ukuthi ngeke abonakale kwisizini yesibili yalo mdlalo.Â
Uthe isizathu salokhu wukuthi lo mdlalo uzoba nezinguquko eziningi uma usukhuza ibuya.
âKuningi okushintshile ngawo okubalwa nendawo osuqoshelwa kuyona njengoba phambilini ubuqoshelwa KwaMashu ehostela,â kusho yena.
Uthi nakuba eseke wabonakala emidlalweni eyahlukene kumabonakude, okubalwa nowuchungechunge Uzalo, kodwa omkhulu alingise kuwona kube yiFalakhe obukhonjiswa kumabonakude ngonyaka odlule.Â
Uthi kulo mdlalo ubedlala indawo ephambili okokuqala empilweni yakhe, ngakho yiwona awuthatha njengomkhulu kakhulu kuyena. Uveze ukuthi nakuba eqale ukuza-khela udumo emsakazweni kodwa imidlalo kamabonakude yiyona azifela kakhulu ngayo kunokusakaza.
Umyalezo wakhe nge-corona
âUma ngisakaza ngisuke ngiyimina kanti ukulingisa kunginika ithuba lokuphuma kimina ngenze okuhlukile okuzoveza elinye ikhono lami. Yingakho ngingakhetha khona kuqala, kodwa lokhu kakusho ukuthi ukusakaza kanginalo uthando lwa-kho,â kusho yena.
Sesiphetha ingxoxo, uSthandwa uveze ukuthi okwamanje kuningi okumile ngenxa yegciwane iCovid-19 ngakho unxusa umphakathi ukuba uhloniphe imiyalelo kahulumeni yokuhlala endlini.
âAbantu mabaphume ngoba kuphoqa ngempela futhi bahlanze izandla ngaso sonke isikhathi. Uhulumeni ubeka le miyalelo ukuhlenga thina bantu, ngakho kubalulekile ukuba sazi ukuthi akushoyo wenzela thina,â kusho le ntokazi ecele ukungathi vu ngokuthinta impilo yayo
yangasese kubalwa nomshado wayo oku-nemibiko yokuthi ungqubuzeka ematshe-ni.
OKUNYE NGAYE
â˘â Ukhonze ukubuka umabonakude ikakhulukazi imidlalo alingisa kuyona.
⢠Akazikhonzile ezemidlalo kodwa ungumlandeli wokuqina weKaizer Chiefs.
⢠Uyazincoma ngokushaya ibhodwe ikakhulukazi i-pasta, isitambu no-curry baseThekwini.
⢠Unenkampani ebizwa ngeBlaqche-rrie Productions.
⢠Inkampani yakhe isebenza ukuthuthukisa intsha eqhamuka ezindaweni zasemakhaya kwezobuciko. Â
Â
Â