PHUMLANI GAMA
KAKUKHONA okokuqala lithinteka ecaleni lokubulala ibhungu eliyanyaniswa nezinsolo zokubulala uMnu Mthokozisi Sithole (36) obengunobhala we-IFP esiyingini iMbabazane, eMtshezi.
UMnu Sithembiso Xulu (22), ubevele eNkantolo yeMantshi eMtshezi ngoLwesihlanu ngezinsolo zokubulala uSithole. Bekulindeleke ukuba afake isicelo sokudedelwa ngebheyili, kodwa sahoxiswa emuva kokuba ummeli wakhe amthole ngosizo lukahulumeni, eveze ukuthi kuseneminye imininingwane afuna ukuyithola ekilayentini lakhe. UXulu utshele inkantolo ukuthi akaqali ukuthinteka ecaleni lokufa komuntu ngesibhamu njengoba eminyakeni emibili edlule wehlelwa yiphutha ngesikhathi ephethe izulu lezandla. Uthe kwathi engazelele, kwadubuleka umuntu washona, emuva kwalokho kwasolwa yena.
Ekhuluma naleli phephandaba uMnu Mduduzi Myeza, ongumholi we-IFP eMbabazane, futhi oyimeya e-Inkosi Langalibalele, uthe ubuholi namalungu eqembu buzoqhubeka nokuhambela kule nkantolo kuze kufikwe esiphethweni salolu daba. Uthe kabanankinga nomsolwa oboshiwe, kodwa bafuna agonyuluke iqiniso linjengoba linjalo ukuthi wayenobani ebulala uSithole futhi babethunywe ngubani.
phumlani@ilanganews.co.za