Ukhala ngokudlaliswa indawo angayijwayele
SENZO SOKHELA
AKAYIZWA eyokubuyela kwiSuperSport United umdlali ogila izimanga kwiGladAfrica Championship.
UKagiso Malinga (25) (osesithombeni) ongumgadli ubolekiswe yiSuperSport kwiSwallows FC edlala kwiGladAfrica.
Ubolekwe kuze kuphele isizini.
Leli nxele elidume ngokuba nenkunzimalanga yeshodi ligila izimanga selokhu lifike kwiSwallows.
Selivalele amagoli awu-8 emidlalweni ewu-18.
Kuvela ukuthi iSuperSport imshayele ucingo kuleli sonto im-tshela ukuthi iyamdinga uma kuphela isizini ifuna abuye.
Nokho lo mdlali kuvela ukuthi akayizwa eyokubuyela kuyona.
Kuthiwa into emkhalisayo wu-kuthi umqeqeshi wale kilabhu uKaitano Tembo ufuna ukumdlalisa emuva akamdingi phambili.
“UMalinga ufunwa yinqwaba yamakilabhu kwiPremiership yikhona nje ukuthi uvinjwe wukuthi inkontileka yakhe neSuperSport inesivumelwano sokuyelula ngeminyaka emibili.
“Kuthiwa ibingakaseluli, okungacaci ukuthi ivinjwe yini.
“Kodwa lo mfana akayizwa eyokubuyela kwiSuperSport ngoba uyazi ukuthi umqeqeshi ufuna ukumdlalisa lapho kuthanda khona yena,” kusho umthombo.
UMalinga ebuzwa yileli phephandaba ngalolu daba ukuvumile ukuthi akasathandi ukubuyela kwiSuperSport.
“Ngesikhathi silungiselela ukuqala kwesizini ngisakuyona iSuperSport umqeqeshi ubengidlalisa ophondweni lwesokudla emuva kwaze kwabe bayangibolekisa.
“Njengoba sengenza kahle la kwiSwallows bafuna ngibuye kodwa mina ngeke ngiqambe amanga, angithandi ukubuyela laphaya, sebengangiphoqa nje kodwa mina angifuni.
“Okungizwisa ubuhlungu wukuthi ngabaphathi abafuna ngibuye umqeqeshi uthi uma ngibuya uzongidlalisa ophondweni lwesobunxele emuva.
“Ngizobuyela kanjani lapho ngizodlaliswa khona indawo enginga-kwazi ukuyidlala?
“Sengilinde bangifonele njengoba bebethe ngeke liphele leli sonto bese ngibazisa ngemizwa yami.
“Ngithandazela ukuthi bangidedele ngoba angisathandi ukubuyela laphaya,’’ kusho uMalinga.
UStanley Mathews oyisikhulu esiphezulu kwiSuperSport ebuzwa ngalolu daba uthe ngeke akwazi ukuphendula ngalo kwabezindaba ngoba olwangaphakathi.