AKAWUVALI UMLOMO NGOMQEQESHIWEBUCS ESONGELA USUTHU

455

SENZO SOKHELA
AKAWUVALI umlomo ngezinga lomqeqeshi we-Orlando Pirates umgadli wale kilabhu, uKermit Erasmus, njengoba eveza ukuthi ufike nomkhulu umehluko kuyona. IBucs izosonga imidlalo yeligi namaZulu FC koweDStv Premiership namuhlangoMgqibelo ngo-15h00 eMoses Mabhida Stadium, eThekwini. Lo mdlalo umqoka kwiBucs njengoba kufanele iwunqobe kumnyama kubomvu kwazise ifuna ukusonga ilele endaweni yesibili ukuze idlale kwiCaf Champions League ngesizini ezayo. U-Erasmus ongumgadli we-Bucs, ukholwa wukuthi umqeqeshi wale kilabhu, uJose Riveiro ufike nomkhulu umehluko. Lo mqeqeshi ngesikhathi efika kuhlekiswe ngaye kuthiwa iBucs ilande umuntu okhanda amapayipi.


“Unobuntu futhi ungumqeqeshi osezingeni eliphezulu. Esikhombisa indlela afuna sidlale ngayo ngesikhathi kuqala isizini, ubuzibonela ukuthi uyayazi into ayenzayo. Unesineke kubadlali ngoba uwaqonda kahle amasu ebhola. Lokhu kuyasisiza ukuthuthukisa umdlalo wethu. “Ngale kilabhu esinayo, ulethe okukhulu ukuzethemba kithina. “Uyazinika isikhathi sokufunda isikonkolo lebhola laseNingizimu Afrika nokufunda indlela esiphila ngayo. Kulula ukubona umqeqeshi ofuna ukufunda indlela abadlali bakhe abaphila ngayo ngokwehlukana. Ube wusizo olukhulu kithina ngale sizini, ubona ngendawo esikuyona kwi-. log, sanqoba inkomishi yeMTN8 kanti manje sikowamanqamu weNedbank Cup.

“Njengamanje siyobhekana namaZulu, siyolwela indawo yesibili kwi-log. Noma kanjani kufanele siwunqobe lo mdlalo ngoba wonke umuntu ufuna ukudlala iCaf Champions League ngesizini ezayo. Ikilabhu enkulu njengePirates kufanele noma kanjani ihlale iyingxenye yalo mqhudelwano omkhulukazi e-Afrika,” kusho u-Erasmus. URiveiro uthi ukuthola indawo yesibili kulele ezandleni zabo. “Kusezandleni zethu ukuthola indawo yesibili. “Njengoba siya eThekwini nje. yiyona into esiyoyilwela. Nginethemba lokuthi abalandeli bethu bazophuma ngezinkani bayogcwalisa inkundla, baselekelele ukunqoba umdlalo, sithole le ndawo yesibili,” kusho uRiveiro odabuka eSpain.


Sekuwumlando ukuthi uthe efika wanqobisa iBucs iMTN8 njengoba eseyifake kowamanqamu weNedbank Cup ozodlalwa mhla ka-27 kwephezulu.

  • Isiyonke imidlalo yokusonga iDStv Premiership iqhathwe kanje:
    NAMUHLA NGOMGQIBELO ENelson Mandela Bay: Chippa Unitedvs Golden Arrows 15h00.
    EPeter Mokaba: Sekhukhune United vs SuperSport United 15h00.EDobsonville: Swallows vs Marumo
    Gallants 15h00. EMoses Mabhida: AmaZulu vs Orlando Pirates 15h00. EDanie Craven: Stellenbosch vs TS Galaxy 15h00.
    E-FNB Stadium: Kaizer Chiefs vs Cape Town City 15h00. EKing Goodwill Zwelithini Stadium: Richards Bay vs Royal AM 15h00.
Previous articleNohlelo olusha imbizo ephuthumayoNohlelo olusha
Next articleISEYINZUKAZIKEYIEYEMALI YENGOMAIJERUSALEMA