akayicabangi eyokubeka amakhokho ethala owamabhokobhoko

876

SENZO SOKHELA 

AKAKAYICABANGI eyokubeka amakhokho ethala umdlali weqembu lesizwe lakuleli amaBhokobhoko yize esenqobe izinkomishi zeNdebe yoMhlaba ezimbili naleli qembu. 

IToyota Cheetahs imangaze abathandi be-rugby imemezela ekuqaleni kwaleli sonto ukuthi isayinise uFrans Steyn (33) (osesithombeni) ozakhele udumo egijima kwiSharks. 

Lo mdlali kuvela ukuthi usayine inkontileka yeminyaka emibili naleli qembu laseFree State. 

Usayina kulona nje, ubedlala kwiMontpellier Herault Rugby yaseFrance. 

Lo mdlali uthi nakuba esezizuzile izinkomishi eziningi ezimqoka kodwa akakayicabangi eyokubeka amakhokho ethala. 

“Isizathu esingenze ngasayina naleli qembu wukuthi ngifuna ukulisiza libuyelwe yisithunzi.

Eyokuthi ngizogugela kulona angifuni nokuyikhuluma ngoba iyinto engekho.

“Ngiyalithanda leli qembu ngoba ngifunde kuyona le ndawo yaseFree State i-rugby yami nje eningi ngisakhula ngiyidlale khona. Ngethemba ukuthi sizophathana kahle ngilisize leli qembu linqobe izinkomishi,’’ kusho uSteyn.

UHarold Verster oyimenenja jikelele yaleli qembu uthi kubajabulisile ukuthola lo mdlali. 

“Isipiliyoni sakhe yisona esenze sangananaza uma sizwa ukuthi uzimisele ngokuzosidlalela. 

“Sijabule ngaye, sethemba ukuthi uzofika noshintsho ekilabhini,’’ kusho uVerster.

Previous articleBayakhala abagijimi abangakhokheliwe
Next articleKubanjwe umoya ngo-AB de Villiers