Akayifuni impilo yobukhazikhazi uMane

766

Ukhule kanzima elala engadlile, edlala ibhola ngaphandle kwamakhokho

USADIO Mane waseSenegal uphenduke isethenjwa seLiverpool 
yase-England selokhu ejoyine le kilabhu. 

KUNABANTU empilweni okufanele badlule ebunzimeni ukuze bafinyelele empumelelweni. 

Lezo zivuvaba zisuke zibaqinisa ukuze ngamhla impumelelo ifika umuntu angakhohlwa lapho esuka khona.

USadio Mane (28) odlala esiswini kwiLiverpool, ungomunye wabadlali abathathwa njengabanemali eningi emhlabeni.

Kodwa ngenxa yokuthi impumelelo yakhe uyazi ukuthi ifike kanzima kanjani akakhohliwe yimuva lakhe. 

Ngemali anayo lo mdlali wakha izikole, yizinkundla, ufundisa nezingane eziswele nokunye nje okuningi ukuthuthukisa umphakathi wangakubo eSenegal. 

UMane uzalelwe eSedhiou, eSenegal. 

Ukhule impilo inzima ekhaya kangangoba kunezinsuku abebuye alale ngazo engadlile kwazise abazali bakhe bebengasebenzi. 

Indlela abethiba ngayo indlala bekuwukuyodlala ibhola nakhona egijima ngezinyawo engenawo amakhokho. 

Ngendlela abazali bakhe abebedonsa kanzima ngayo bebengafuni ngisho ukuthi adlale ibhola ngoba besaba amahloni okuthi abakwazi ukumthengela izimfanelo. 

Unqume ukusiyeka isikole enza amabanga aphansi waqhubeka nalo ibhola ngenkani.

Ujoyine isikhungo sebhola sangakubo ebesibizwa ngeGeneration Foot. 

Ukhuliswe kulesi sikhungo ngokweqophelo eliphezulu okuthe uma kubonakala ukuthi unekhono wabe esezanyelwa amadlelo aluhlaza eFrance.

Ujoyine iMetz yakhona mhla zingu-14 kuMasingana (January) ngo-2012. 

Le kilabhu ayizange umumoshele isikhathi yamusayinisa esikwatini sayo esikhulu. 

Kube wukuqala kokushintsha kwempilo yakhe neyomndeni njengoba ubesekwazi ukubeka isinkwa etafuleni. 

Nakuba izinto zakhe bezihamba kahle ngasezimalini ikilabhu yakhe ibe isigencwa yizembe ekupheleni kwesizini. 

Ubegijime imidlalo engu-19 washaya igoli elilodwa. 

Esezwa ubuhlungu bokugencwa yizembe kwekilabhu yakhe kube sekungqongqoza iRed Bull Salzburg yase-Austria emthenge ngetshe le mali ngo-2013. 

Ufike kule kilabhu wagila izimanga njengoba ubewaqhulula amagoli kungathi uyabukisa. 

Kuphele isizini ikilabhu yakhe inqobe izinkomishi ezimbili ezimqoka okukhona kuyo neyeligi. 

Emuva kokuba kuphele isizini ube esecela ukukhululwa kodwa iqembu lakhe lagoloza. 

Ushaye isiteleka wanqaba ukudlala umdlalo omqoka wale kila-bhu wokuhlungela ukungena kwi-Uefa Champions League.

Leli qembu linqume ukumdayisa njengoba ethengwe yiSouthampton ngesizini ka-2014/15. 

Uhlale kule kilabhu amasizini amabili eshaya ingcwenga yebhola. 

ILiverpool ibe isigabisela iSouthampton ngetshe le mali nangempela yamdedela wayijoyina ngo-2016. 

Selokhu efike kwiLiverpool uwuhlupho kwizimbangi njengoba evutha bhe.

Leli qembu linqobe isicoco se-Uefa Champions League ngawo amagalelo alo mdlali. 

Njengoba kudlange leli gciwane le-corona amehlo athe njo kwiFootball Association yase-England ukuthi izomisa kanjani ngesicoco seligi njengoba iLiverpool izihola ngohide lwamaphuzu. 

“Silindele noma yini, isinqumo esizothathwa ngeligi sizosamukela yinqobo nje uma kuzohlengeka izimpilo zabantu.

“Ngisho singabuyela enkundleni ngeke kube mnandi ukuthatha le nkomishi emuva kweminyaka engu-30 sagcina bengekho abalandeli  bethu enkundleni,” kusho uMane. 

Uthi nakuba impilo yakhe ishintshe kakhulu kodwa akasoze akhohlwa lapho ephuma khona. 

“Kungani kufanele ngibe namaFerrari angu-10, ubukhazikhazi bemigexo namabhanoyi amabili?

“Lezi zinto zizongenzelani nomhlaba nje jikelele zizowenzelani? Ingibhuqile indlala, ukulala ngingadlile ngiyakwazi yingakho bekuphoqeleka ukuthi ngisebenze ngokwengeziwe enkundleni. 

“Ngiphumelele kanzima ngidlula ebunzimeni bokudlala ibhola ngezinyawo ngingenalutho. 

“Angizange ngiye esikoleni ngenxa yenhlupheko. Ngiyilokhu engiyikho manje ngenxa yebhola, ngiyabonga kakhulu ngoba ngikwazi ukusiza umphakathi.

“Ngakha izikole, izinkundla, nginikela ngezingubo, izicathulo nokudla kulabo abaswele. Kunengxenye yomholo wami enginikela ngayo emindenini exakekile eSe-negal. 

“Angiyizwa nje eyobukhazikhazi bezimoto ngincamela ukuthi abantu bakithi bahlafune kulokhu engikutholayo kunokuthi ngibu-kwe kube kukhona abantu abaswele,’’ kusho uMane.

Okunye ongathanda ukukwazi ngalo mdlali

Amagama: Sadio Mane 

Usuku lokuzalwa: 10 April 1992 

Iminyaka yobudala: 28. 

Uzalelwe: ESedhiou, eSenegal

Ubude: 1.75m

Izindawo azidlalayo: Yiphambili, nasezinhlangothini phambili

Ikilabhu ayidlalelayo: YiLiverpool 

Inombolo yejezi: 10

Amakilabhu adlale kuwo

2011/2012: Metz

2012/2014: Red Bull Salzburg

2014/2016: Southampton

2016: Liverpool

Eqenjini lesizwe: 

2012: Senegal U/23 (Imidlalo 4)

2012: Senegal (imidlalo 69, amagoli 19)

Previous articleULifa unxenxa abazali ukweseka izingane zabo
Next articlekusengaphindeka kwezemfundo okwenzeka emuva kwesiteleka sango-2007