Akeneme ngezakhe umqeqeshi weChiefs

1059

Ukhala ngokulahla amathuba kwiSoweto Derby

SENZO SOKHELA

U-ERNST Middendorp ejabula nezikhulu zeKaizer Chiefs ngemuva kokukhala kwempempe yokuqeda umdlalo kwiSoweto Derby ngoMgqibelo eFNB Stadium. ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX

UZWAKALISE ukungenami umqeqeshi weKaizer Chiefs ezakhe zivala imilomo yezimbangi ebezinesipepe.
IChiefs iguqise ngo-1-0 i-Orlando Pirates kowe-Absa Premiership ngoMgqibelo ntambama eFNB Stadium, eSoweto.
Igoli okunqobe ngalo iChiefs livalelwe enethini nguLebohang Manyama.
IChiefs inqoba lo mdlalo nje, iye kuwona inganikwa lutho kwazise bese yehlelwe yifomu njengoba ibisihlulwe imidlalo emibili ilandelana. Ibibhekene nePirates ebiyizimfivilithi njengoba ibingakaze yehlulwe emidlalweni yeligi selokhu kuqashwe umqeqeshi uJosef Zinnbauer.
Abalandeli beBucs bebelibeka ngesihloko ngapha-mbi kwalo mdlalo elokuthi sebeyogcina icala vele sebeyishayile iChiefs.
U-Ernst Middendorp ololonga iChiefs uthi yize imjabulisile le wini kodwa kukhona angeneme ngakho.
“Ngijabule ngalo mphumela besazi ukuthi iPirates izoza mawala kodwa sakwazi ukuyigoba.
“Abadlali bami bashaye into ecokeme, benze konke engibayalele khona.
“Okungangijabulisanga nje ngamathuba esingawaqedelanga abezokwenza siqede ngomdlalo singalokhu simincile sijahe indweba,” kusho uMiddendorp.
Uthi ezakhe zibhekene nesikhathi esinzima.
“Le midlalo ezayo izoba nzima yingakho kufanele imiqondo yethu ihlale ihluzekile.
“Siwatholile amaphuzu amathathu ebesiwadinga kodwa asikaqedi, kufanele siqhubeke nokudlala ngokuzinikela kuze kube ngumdlalo wokugcina,” kusho uMiddendorp.

Previous articleInhlalisuthi ishaye intombi emhlophe
Next articleIbisimqhathe nesinqandamathe eyokulingisa eyokujola noBen 10