Kubonakale amalungu aleli bandla ecula iJele ethempelini
MTHOBISI SITHOLE noTHANDEKA NGOBESE
IQUBULE imvunge eba-ndleni lamaNazaretha endlini yaseBuhleni – eholwa yiNkosi uMduduzi “Nyazilwezulu” Shembe – ingoma yo-mculi kamaskandi, uKhuzani“indlamle-nze” Mpungose ethi, “iJele” okubonakale amalungu aleli bandla eyicula kwelinye la-mathempelini aseMtubatuba, eme ngezinyawo, ephelezelwa wokhehlegubhe.
Kwesinye sezithombemnyakazo (video) esitholwe yiLANGA, kubonakala uMfu Mthandeni Ntombela waleli bandla egxeka lesi senzo, ebhoka ngolaka kwelinye lamathe-mpeli ethi kuyisimanga lokhu okwenziwa ngabazalwane ngoku-phambana nemithetho ebekiwe.
Uthi usethole imibiko eminingi, kubikwa ukuthi kuculwa ingoma kaKhuzani ethempeli-ni nangeSabatha.
“Akuculwa enye ingoma ngaphakathi ethempeleni maNazaretha, kubha-liwe esihlabelelweni ukuthi akwengezwa futhi akunci-shiswa.
“Yeka-ni ukusi-qhatha noNkulunkulu ngokwe-nza izinto ezingenziwa, besekusha thina ngoba njengoba nenza nje, aku-shi nina kusha thi-na. Uma umuntu ecula iJele noma ngabe iyiphi ingoma, kumele aha-mbe ethempeleni aye ejele lelo.
“Umendo walapha ekhaya kawunalo ije-le, kodwa unesibusiso; ngithi kayiculwa enye ingoma la ngaphakathi ethempelini,” kusho uMfu Ntombela.
Okhulumela indlu yaseBuhleni, uMnu Thokozani Mncwabe, uthe kuyiphutha ukuculwa kwengoma okungeyona eyebandla ngaphaka-thi ethempelini.
Uthi bayazi ukuthi uKhuzani uyiNazaretha futhi bayamthanda esontweni, kodwa lokho okwenziwayo kuphambene nomthetho we-bandla. Uthi kayikho ingoma oku-mele iculwe uma kugqokwe umNa-zaretha okungesiyona eyaseso-ntweni.
“Ebandleni kukhona izihlabelelo zamaNazaretha eziwu-242, kuya-mangalisa ukuthi abantu bakwe-nza kanjani lokhu abakwenzayo. Kungenzeka ukuthi le nto yenziwa ngabantu abasanda kuphenduka, abangayiqondi imithetho yeba-ndla.
“Abakhokheli nabashumayeli mabavuselele imithetho yebandla. Makuxoxwe ngemithetho yebandla kungaze kufikwe ku-14, u-23 no-25 ingazeki imithetho. Abashumayeli mabayeke ukusaba ukukhuluma iqiniso phambi kwabantu, mabali-beke iqiniso uma umbala umhlo-phe mawube muhlophe nje,” ku-sho uMnu mncwabe.
Uthi nakho ukuculwa kwalezi zi-ngoma kumiwe ngezinyawo ema-thempelini, kuwukungahloniphi uShembe. Uthi lo mkhuba ungene wonke umhlaba ngisho benikelisa, bacula wona la maculo angekho ezihlabelelweni.
“Uma befuna imali, bahlabele-la lezi zihlabelelo ezingekho eba-ndleni. Sesiyabazi abaholi, yibona laba abadukisa abantu. Le nto ka-yikho eMtuba kuphela, igcwele izwe lonke.
“Sesikhathele impela yile nto. Ngeke sazi mhlawumbe bazama ukushintsha inqubo yebandla, ku-ngabe kusaba yinqubo kaBhombela,” kusho uMnu Mncwabe.
Uthi abazoqhubeka nokwenza lo mkhuba, ibandla lizobathathela izinyathelo.
Unobhala woNyazilwezulu, uMvangeli Buhle Mdluli, uthi lo mkhuba wokuculwa kwezingoma ezingekho ezihlabelelweni kunzima ukuqagula ukuthi uqalephi.
“Le nto siyibone seyiqubukile, sayikhuza ngoba kasiyazi. Kazicu-lwa nje izingoma ezingekho ezihlabelelweni. Laba abathi noNyazi lu-liculile iculo elithi,“Ziyamazi umelusi” bakhombisa ukuba ngamahlongandlebe.
“La maculo awu-242 asezihlabe-lelweni aqanjwa ngubani, afikela bani? Angithi afikela enkosini? Bazi ngani ukuthi leli culo elicu-lwe nguNyazilwezulu luzoba yi-ngxenye yezihlabelelo?” kusho uMvangeli Mdluli.
UKhuzani uthe uyakuqonda ukuthi abantu bayamthanda ka-khulu ngoba bayazi ukuthi naye ukhonza kuleli bandla. Uthe uma kukhuzwa lokhu, uyathemba ukuthi kumele kulandelwe, kugcinwe imithetho yebandla.
“Ngiyabashwelezela kakhulu abazalwane,” kusho uKhuzani.