Akubakhathazi ukumataniswa kukakapinga ne-sundowns

534

MFANAFUTHI NDLOVU

AKUBAKHATHAZI kangako abadlali beBlack Leopards ukumataniswa kukaLesedi Kapinga  (osesithombeni) neMamelodi Sundowns okuvele ukuthi usesayine inkontileka yesibambiso nayo. Nokho-ke akekho oseke waqinisekisa lokhu.

UKapinga kumiswe imidlalo yakule sizini ngenxa ye-Covid 19 edlala ingcwenga yebhola. Lokhu yikhona okwenze wamataniswa namakilabhu amakhulu akuleli. Kwenzeka lokhu nje, iLeopards yiyona esemsileni we-log ye-Absa Premiership.

UJoseph “Joze” Mhlongo (29) odlala noKapinga kwiLeopards, uthi akekho umdlali wale kilabhu okumethusayo ukufunwa kukaKapinga. 

Uthi ubelokhu ekhombisa ukuba wumdlali wezinga eliphezulu kuyona yonke imidlalo ayidlalile. Nokho-ke uthi bamincele ukuthi uKapinga kungamdungi umqondo ukufunwa ngamakilabhu ama-khulu. Uthi usenomthwalo wokuhlenga iLeopards engozini yezembe.

“Kumfanele ukufunwa ngamakilabhu amakhulu. Ngeke ngimdlele umona. Uma esajabule lapha kwiLeopards angaqhubeka ahlale, kodwa uma ebona amadlelo aluhlaza kwenye indawo angahamba. Konke kulele kuyena,” kusho uMhlongo.

Uqhube ngokuthi iCovid-19 ku-bona ifane nesibusiso ngoba ibanike ithuba  lokuzinuka amakhwapha ngesimo ikilabhu ekusona. Uthi kuyimanje bazivalele ezindlini kabenzi lutho ngoba impilo imqoka kunebhola. 

Uthi u-Alan Clark ongumqeqeshi wabo ubhekene nengwadla yokuzama ukulwa nemiqondo yabadlali ukuze bangalahlekelwa yithemba. Uthi ukudliwa yizembe yinto abangayicabangi ngoba badlala kahle, baphikwa yinhlanhla yamagoli. 

Thola kabanzi ngempilo yaNgaphandle kweNkundla kaMhlongo kwiLANGA LangeSonto.

Previous articleuskhosana wamukela ukungenela ese-sascoc
Next articleIngwazi yeMan United iveza umbono ngeye-EPL