LUCKY CAIN
AKAZIGQIZI qakala izinkulumo eseziqubukile ngokuhambela kwakhe imidlalo yeNdebe yoMhlaba ye-IRB (umbhoxo) eseFrance, umlandeli wodumo wamaqembu esizwe aseNingizimu Afrika, uNkz Joy “Mama Joy” Chauke.
UMama Joy – ongumlandeli weRoyal AM – noBotha Msila owagqama engumlandeli wokuqina weBloemfonteic Celtic, eyagcina ithengwe nguShawun “MaMkhize” Mkhize wayiphendula i-AM, babe sematheni ngeledlule emuva kokuvela kwezinkulumo zokuthi njengoba behambele le midlalo phesheya kwezilwandle, batetemuka ngemali yabakhokhi bentela yoMnyango wezeMidlalo nezokuNgcebeleka, oholwa ngungqongqoshe uMnu Zizi Kodwa.
Lokhu kushiye abantu behlukene phakathi ngemibono ezinkundleni zokuxhumana, njengoba abanye bekhale ngezizumbulu umnyango ozichitha ngalaba bobabili asebebizwa ngabalandeli abaqavile. Umnyango yiwona othwale izindleko zohambo lwabo okuhlanganisa izindiza, ihhotela nokudla.
Abanye bakhombise ukukweseka isenzo somnyango.
Ngemuva kwezinkulumo ezisabalele, umnyango ukhiphe isitatimende uzivikela. Uchaze uMama Joy noBotha njengasebe-zakhele udumo ngokuba ngabalandeli emhlabeni.
Uthe ukuba khona kwabo kule midlalo yeNdebe yoMhlaba, kuvubela intshisekelo ebantwini bamazwe ahlukene ngeNingizimu Afrika, njengoba befana namanxusa akuleli kule midlalo.
Ucacise nokuthi kawuqali ngale ndebe ukweseka abalandeli ngokuba babe yingxenye yale midlalo. Uveze ukuthi nakwezinye izinhlobo zemidlalo uyakwenza lokhu, ikakhulukazi uma kuyimidlalo yendebe yamazwe.
Ekhuluma neLANGA uMama Joy, uthe uzibonile izinkulumo zabathile ezinkundleni zokuxhumana, kodwa okwakhe akukhona ukunaka izinto ezingayi phambili.
“Okwami njengoba ngilapha (eFrance), wukuqinisekisa ukuthi iNingizimu Afrika kukhulunywa ngayo, ngoba yonke indawo lapho ngihamba khona, abantu bathatha izithombe nami, futhi basala bazi ukuthi siyiNingizimu Afrika sikhona kwazise sinendlela yethu yokweseka iqembu lethu,” kusho uMama Joy.
Uthe waqala ukweseka amaqembu esizwe ngo-2008, usehambele amazwe ahlukene eseka la maqembu kusukela kwiBafana Bafana kuya kwiBanyana Banyana, iProteas (ikhilikithi) neProteas (netball).
Uthe ngaphandle kokubonakala ezinkundleni zemidlalo okudlala kuzona AmaBhokobhoko, kukhona nokunye akwenzayo okubeka iNingizimu Afrika ebalazweni lomhlaba. Kulindeleke ukuba yena noBotha babuye uma kwenzeka kuphuma AmaBhokobhoko kule midlalo. UMama Joy waqala ukuzakhela udumo kwezemidlalo engumlandeli wokuqina we-Orlando Pirates. uveze ukuthi waqala ukuyeseka ngo-1989.
“Ngaphambi kokuthi ngeseke iPirates, ngangingumlandeli weKaizer Chiefs. Ngayishiya ngemuva kokuxabana
nomfowethu, ngabe sengijoyina iBucs,” esho.
lucky.cain@ilanganews.co.za