‘Akulula ukuqeqesha iSundowns’

412

Yethweswe ngokusemthethweni umqhele njengezingqwele zeDStv Premiership

SENZO SOKHELA
UKHALA ngobunzima bokulolonga ikilabhu enabadlali iningi labo abaseqophelweni eliphezulu uRulani Mokwena ocija iMamelodi Sundowns eyizingqwele zeDStv Premiership. IDowns yethweswe ngokusemthethweni umqhele wokuba yizingqwele zeDStv Premiership emuva kokuba ibambane neMaritzburg United, kuba ngu-1-1, kowokusonga iligi ngoLwesibili ebusuku eLoftus Stadium, ePitoli. Igoli leDowns lishaywe nguBradley Ralani kwathi eleMaritzburg leza no-Ali Meza. UMokwena, ebuzwa ukuthi ubagcina kanjani bejabulile bonke abadlali beDowns, njengoba bebaningi kangaka, uthe: “Yinto enzima kunazo zonke leyo ngokuqeqesha le kilabhu.


“Nami ngisizwa wukuthi abadlali bethu basezingeni eliphakeme, lokho kwenza izinto zibe lula kimina. “Ngiyaziqhenya ngokuba ngumqeqeshi wale kilabhu yize kunezimfuno ezinzima. Kunzima kunjalo siya phambili. “Siyizingqwele namuhla. Ngibonga kakhulu kubadlali, ithimba labaqeqeshi, abalandeli, umndeni wakwaMotsepe kanye nabo bonke abayingxenye yale kilabhu.” Uthi kayikho inkomishi emqoka ukwedlula eyeligi kunobhutshuzwayo, njengoba uhambo lwayo lulude futhi lunzima. “Ukunqoba le nkomishi kakuyona into encane, uhambo lwayo luthatha izinyanga eziyishumi. “Udlala ekhaya nasekuhambeni; kufanele uhlale usesimeni esihle.


“Kulezi ezinye izinkomishi, ungaba nenhlanhla unqobe emibili emithathu, noma emine, bese uyiqukula. “Kodwa kwiligi iyashisa insimbi, kufanele izinga lihlale liphezulu zibekwa, ize iyophela. “Ngeyesithupha le nkomishi yeligi kulandelana; ngiyaziqhenya ngalo lonke iqembu,” kusho uMokwena obenqoba inkomishi yakhe yokuqala eyinhloko yabaqeqeshi kwiDowns. senzos@ilanganews.co.za

Previous articleOwine iSuzuki Swift
Next articleOwesifazane uthi uyengwengoZalo “wadlwengulwa”