SIGUDLA NOGALAKAJANA: ABDUL MILAZI
KUNABANTU abaphaphayo, abathi uma ngingayeka ukubhema nokuphuza ngingathola iminyaka engamashumi amabili eyibhonasi ezinsukwini zokuphila kwami emhlabeni.
Ngike ngibabuze ukuthi ngizokwenzani ngaleyo minyaka, futhi ngizokondliwa ngubani ngoba imali yempesheni kayaneli ngisho igilosa lena yodwa nje.
Phela ukuphila kulo mhlaba kubiza imali, kanti kayicoshwa phansi.
Bayababaza uma ngithi mina ngiyobonga lezo zinsuku engiphiwe zona, ngeke ngilokhu ngizihlupha ngokufuna kuzengeza.
Impilo phela iyisipho esivela kuMvelinqangi, ngakho kumele siphile impilo ezosijabulisa thina, ukuze kuthi uma sesihamba kuleli elimagade ahlabayo, singabuyi sizopoka ngoba singayizwanga kahle.
Iningi labantu lihlala libheke elingenakho, likhohlwe wukuthokozela elinakho.
Uma ungenzi lutho olutheni ngale minyaka ophiwe yona emhlabeni, noma ungengeza
ikhulu leminyaka, nalo uyolimosha kanjalo.
Ngikhumbula ngiseyibhobhodlwana eBhobhoyi, kwakunesalukazi esasiguge ngendlela yokuthi sasingasakwazi
ukuzihambela. Sasikhishwa ngabazukulu endlini, besihudula ngesikhumba senkomo, besibeke elangeni sethamele isigcaki.
Sasifunzwa kuhle kosana olusanda kukhishwa ebeleni. Sasingasaboni nasemehlweni.
Ngathi uma ngibuka lokhu, ngazitshela ukuthi kangifisi ukukhula ngize ngingakwazi ukuzenzela izinto. Akuseyona impilo phela leyo.
Kufana nokuphiwa inyama ube ungasenawo amazinyo.
Le nto yokudla ukudla okunempilo sayizwa ngabelungu, kanti uma ngiyifakela izipopolo, ngithola ukuthi yibo futhi abeza
nokudla okugulisa abantu.
Masiqale nje ekudleni okugxajiswayo. Abamnyama babegxabhisa konke abakudlayo, abelungu bafika nokalakateni, lona asebethi kawulungile.
Sasizidlela ujeqe nesinkwa sombila omusha, okwakungafakwa amafutha, bafika nesabo isinkwa esifakwa ibhotela, leli asebethi kalilungile.
Nenyama yayigxajiswa kuthi enye yosiwe, bona bafika nokuyithosa.
Manje sebethi enempilo yile egxajisiwe noma eyosiwe. Esethu isinkwa sasidliwa sinjalo, bona bafika nebhotela nalokhu abathi yimajalina.
Manje yibo futhi asebethi izosibangela isifo senhliziyo ngoba ivala imithambo yegazi.
Abanye sebethi inyama nje akumele uyithinte uma ufisa ukuphila impilo ende.
Emakhaya inyama yayidliwa uma kuhlatshiwe, kunomsebenzi.
Into eyayidliwa kwakuba wuphuthu nemifino, isitambu nobhontshisi, isijingi sethanga, isigwamba nezinkobe.
Ngisho nenkukhu yayihlatshwa uma kunesivakashi, noma-ke uma umnumzane ehalela inyama, kodwa engafuni ukuwisa imbuzi noma inkomo.
Kuyo yonke imizi, amasi namahewu kwakuyinto eyayihlala igcwele amagula nezinkamba.
Uma uzwa ukuthi uphethwe yindlala singakafiki isikhathi sokupheka, wawushona emahewini ukhe, uphuze bese uqhubeka nosuku. Amathanga amasha kwakubanjwa ngawo umoya futhi. Uligxabhise nje bese ungena kulo, lokhu abelungu abathi yi-snack.
Konke lokhu kudla ebesikudla, sekubiza enkulu imali ezindaweni ezisezingeni elicokeme. Cabanga nje usuyokhokha u-R100, ukhokhela ipuleti lemifino neklabishi bese bekufakela nezambane elincane.
Wena kusho ukuthi ukhokhela igama lesakhiwo ngoba phela ubungazigxabhisela wena msalofu ekhaya.
Nemithi yokwelapha yayilandwa ehlathini, ngabelungu bafika namaphilisi lawa asebethi anoshevu phakathi, sengathi babengazi kwasekuqaleni.
Manje sebethi amakhambi angcono yilawo angathakiwe nalo shoki abawufaka
emaphilisini.
Amanye enziwe ngepulasitiki, lawo abizwa ngama-capsule. Leyo pulasitiki ucabanga ukuthi ngeke yakugulisa, ngoba ugeze kuphi?
Njengoba besigubha usuku lokukhumbula amagugu ethu, yizona-ke izinto lezi okumele sizikhumbule ngoba yizona okumele sizigqaje ngazo futhi sizikhumbule ukuze singaqhubeki nokudonswa ngentambo ngabelungu, sengathi siyizimbuzi.
Yona le Heritage Day kumele kube wusuku olusivusayo futhi lusivuselele, kube yithi esitshela abelungu ukuthi ukudla okunempilo yinto enjani.
Mazibuye emasisweni.