BHEKI NDLOVANA
AKUSENSUKU zatshwala kwethulwe isabelomali saphakathi nonyaka, okubhekwe ukuba size nezinguquko ezinzima zokuzama ukonga imali kuhulumeni waseNingizimu Afrika obhekene nenkinga yokushoda kwenkece.
UMnu Enoch Godongwana (osesithombeni) ongungqongqoshe wezemali, uzokwethula lesi sabelomali ngoLwesithathu eCity Hall, eCape Town.
Cishe izwe elikubheke kakhulu kuye, wukuzwa ukuthi uzomemezela ziphi izinqumo noma izinyathelo zokuzama ukunciphisa ukusetshenziswa kwemali kuhulumeni.
Okwenze isimo semali sasibi kakhulu kuhulumeni wakuleli, wukuxakwa yizinga eliphezulu lesikweletu semali ayibolekayo, ekubeni ngakolunye uhlangothi izwe kalikwazi ukuqoqa intela eyanele.
Enye ingcindezi ebhekene neNingizimu Afrika, yizinkampani ezingaphansi kukahulumeni ezilokhu zikhangeze njalo kuwona, ukuze zitakulwe obhukwini lwezinkinga.
Muva nje, kuvele ukuthi iTransnet inxusa uhulumeni ukuba uyibonelele, uyitakule ngokukhokhela ingxenye ethile yesikweletu esikhulu ebhekene naso. Kuzokhumbuleka ukuthi uhulumeni wenze okufanayo nakwi-Eskom, wathatha ingxenye yesikweletu esikhulu sayo sawela ngakuwona.
Ngesonto eledlule uGodongwana ekhuluma emhlanganweni wekomidi lasephalamende eliqondene nezemali – lapho umnyango wakhe bewethula khona umbiko wawo wonyaka – uphawule ngezinkinga zomnotho ezweni nasemhlabeni athe zikhinyabeza ukukhula kwawo.
Uthe miningi imizamo abayenzayo yokubhekana nalesi simo, wathi kodwa okuningi uzokhuluma ngakho ngosuku azokwethula ngalo lesi sabelomali.
Emasontweni edlule omunye wosomnotho uDkt Azar Jammine uke waxwayisa ngokuthi kungenzeka anyuse intela ekhokhwa ngabathengi ebanjwa ezimpahle-ni, ebizwa phecelezi nge-value added tax (VAT), okungahle kwengeze umthwalo kubathengi njengoba iningi lixakwe yizindleko eziphezulu zokuphila.
bhekin@ilanganews.co.za
www.ilanganews.co.za