Akuthi diki kwiPA evimbe abaseZimbabwe emngceleni

408

INTATHELI YELANGA

I-PATRIOTIC Alliance (PA), kayizisoli nakancane ngokuvimba abantu baseZimbabwe abebezama ukungena eNingizimu Afrika ngokungemthetho emngceleni ohlukanisa la mazwe. ISekela-mengameli lePA, uMnu Kenny Kunene, lithi kakuthi diki kuleli ngesenzo salo sokunqanda abaseZimbabwe abalinganiselwa ku-1 000 abebezama ukungena kuleli ezingxenyeni ezahlukene zomngcele. Leli qembu ebeligoye osebeni lomfula eLimpopo, belinomkhankaso wokuvimba abaseZimbabwe.

“SiyiPA, kasizisoli nakancane ngesiphakamiso sethu sokuba kugodukiswe bonke abakufika abakuleli ngokungemthetho, kwazise sebephenduke umthwalo osatshe ezikhungweni zaseNingizimu Afrika okubalwa kuzo ezempilo, ezokuhlaliswa kwabantu, yizikole ngisho nakwezomnyango wezasekhaya imbala. Sithi ayigubhe, abahambe,” kusho uKunene.

Ngakolunye uhlangothi, i-Africa Diaspora Forum (ADF), osekunesikhathi ilwela amalungelo abokufika kuleli, isinxuse abaseZimbabwe ukuba bapheze ukungena eNingizimu Afrika ngokungemthetho. “Umuntu nomuntu ongena eNingiizimu Afrika kumele abe ne-passport esemthethweni, asikukhuthazi ukuba abantu basebenzise opotsho ukungena kuleli,” kusho uMnu Ngqabutho Mabhena okhulumela i-ADF.

Uqhube ngokuthi uhulumeni waseZimbabwe usukwenze kwaba lukhuni satshe ukuba abantu bakhona bathole ama-passport njengoba esebiza phakathi kuka-R2 800 no-R3 700. “Yize kunjalo, kasikukhuthazi ukuba abantu bangene eNingizimu Afrika ngokungemthetho,” kusho uMabhena.

Previous articleUkudayisa emgwaqweni kumzalele ibhizinisi
Next articleKwehle ixhala kubathandi boMkhokha ngoZamcolo