NONHLAKANIPHO SHINGA
ASELAXAZE ubulunga enhlanganweni ebusayo i-African National Congress, amakhansela amahlanu kumasipala obonakala ubhekene nezinkinga uMzumbe, oholwa nguMnu Bongani Nyuswa. Lokhu lamakhansela amahlanu akuveze esithangameni sabezindaba eMthwalume ehholo lomphakathi namhlanje ngoLwesibili. Lamakhansela ayingxenye yamakhansela angu-7 amiswe yiqembu lawo ngoba kusolwa ukuthi avota ngokubambisana ne-IFP. Aphinde aveza ukuthi asejoyine iqembu eliyamaniswa nowayengumongameli wezwe uMnu Jacob Zuma, iMK Party.
Ngokusho kwawo lamakhansela athi yinkohlakalo enuka phuhlu kulomasipala ewaphoqele ekutheni agcine enokuphikisana nezinye zezinqumo ebezithathwa kulomasipala. Aphinde abheca imeya yakulo masipala nezinye zezikhulu ngenkohlakalo, athi ngisho kunamaphrojekthi enziwayo emphakathini kawapheli ngoba imali iphela kuqala.
“Uma iprojekthi isiphasisiwe kusuke sekuphelile ngoba kusuke kufunwa izimali. Uma uthi uyabuza ukuthi kungani iphrojekthi ingaqhubeki bese kuthiwa siphuma emgqeni nokuyikho okusidalele amazinyo abushelelezi enhlanganweni,” kusho uMnu Sibonelo Maphumulo.
Kuzokhumbuleka ukuthi uMnu Maphumulo ubenguSomlomo kulomasipala noxoshwe yiqembu lakhe i-ANC ngasekuqaleni konyaka ngemuva kwezinsolo zokuthi ungubhongoza futhi uhamba phambili kulamakhansela asolwa ngokuvota ne-IFP.
Lamakhansela akubeke kwacaca ukuthi asengamalunga e-MK ngoba ebona ukuthi yilapho ezokwazi ukuthola kahle ikhaya.
Lowo obeyikhansela waku-ward 9, uMnu Ayanda Duma, uthe bakhethe ukuthatha lesi sinqumo ngoba bebona ukuthi vele bayizichuse zamakhansela njengoba bebengakwazi ukuphakamisa uvo lwabo ngokukhululeka uma bekhala ngenkohlakalo kulo masipala.
“Kungcono khona ukuthi kuyiwe okhethweni lokuchibiyela umphakathi uzikhethele kahle amakhansela owafunayo ngoba okwamanje kudlalwa ngawo. Njengamakhansela besicindezelwa ingalethwa nhlobo intuthuko emawadini ethu siqhathwa nemiphakathi esikhethile,” kusho yena.
Lamakhansela athi afisa umongameli wezwe, uMnu Cyril Ramaphosa ukuba afake i-SIU izophenya lo masipala ngenkohlakalo ehlanganisa ukubhubhudlwa kwemali.