AMABHOKOBHOKO ASHISISE UMBANGO WENDEBE YOMHLABA

1044

SENZO SOKHELA

UDAMIAN de Allende wamaBhokobhoko evimba uKenki Fukuoka
weJapan ebhekwe ngozakwabo uPieter Steph du Toit noWillie le Roux.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX

LIBASHIYE bekhihla esikaNandi eJapan iqembu lesizwe lakuleli amaBhokobhoko.
AmaBhokobhoko akhiphe amangwevu eshaya iJapan engosokhaya ngo-26-3 emqhudelwaneni weNdebe yoMhlaba emdlalweni obuyizolo ngeSonto emini kulo leliya lizwe.
Kuyiwe ekhefini amaBhokobhoko ehamba phambili ngo-5-3.
Abadlali beJapan nabalandeli bahluleke wukuzibamba basikhihla eseNdlovukazi, baze baba nesibibithwane.
IJapan ibinethemba lokuthi izowaphinda amaBhokobhoko njengoba iwangqimuzile ngo-2015 kuwo lo mqhudelwano obuse-England.
Iwashaye ngo-34-32.
USiya Kolisi ongukaputeni wamaBhokobhoko ududuze abalandeli nabadlali beJapan emuva komdlalo, wathi akulahlwa mbeleko ngakufelwa.
“Kwenzeke ebesikulindele kulo mdlalo, besazi ukuthi bazofuna ukusihlasela ngesivinini kodwa sakwazi ukubabamba.
“Ngiyababongela ozakwethu, benze umsebenzi oncomekayo.
“Ngizothanda ukuchoma uphaphe lwegwalagwala kubadlali beJapan ngebanga abalihambile kulo mqhudelwano, bayibekile induku ebandla.
“Okufanele bakuqonde wukuthi baneqembu elihle futhi elinekusasa eliqhakazile,” kusho uKolisi.
AmaBhokobhoko azobhekana neWales kwi-semi final emdlalweni ozokuba ngempelasonto ezayo, mhla ka-27 kwephezulu.
Komunye umdlalo we-semi final, i-England izodudulana neNew Zealand ngomhla ka-26 kwephezulu.
Imiphumela yemidlalo yeRu-gby World Cup isiyonke ihambe kanje:
Wales 20; France 19, New Zealand 46; Ireland 14, England 40; Australia 16.

Previous articleUshiywe wumfazi uNala wodumo
Next articleBamfisele unwele olude uMotaung