THANDEKA NGOBESE SEZIHUBELA sakusha ngosuku lwezithandani, iValentine’s Day, oluba mhla ka-14 kuNhlolanja (February). Iningi labantu besilisa seliphenduke izilomo ezinkundleni zokuxhumana lincokola, lithi lizobe lingekho kusukela mhla ka-13 kuya kumhla ka-14 ngoba lizobe “lineNgqungquthela yaMadoda,” noma lizobe liyozingela njengoba kuvame ukuthi libizwe “ngezinja”. Abanye abantu bamatasa ezitolo, bayofuna izipho abazoncibilikisa ngazo izithandwa zabo ngalolu suku. Ngendlela lolu suku oseluphenduke “isilomo” ngayo, abanye baze bashintshe ngisho indlela abendlala ngayo imibhede, iziqholo abazozisebenzisa ezizokwenza ukuthi uma kwenzekile benkonkoshelwa yizithandwa zabo zibakhombisa uthando zingabe zisafuna ukusuka.
Abanye baze bashade ngalo lolu suku, abanye bathembisane imishado. ILANGA likhulume namadoda aganwe yisithembu ukuthola ukuthi wona alugubha kanjani lolu suku. Ngabe amakhosikazi ayavuma yini ukuthi umyeni wawo ankonkoshelwe ngeyodwa yawo ubusuku bonke ngalolu suku? UMnu Simanga Mabaso waseMsinga oganwe ngamakhosikazi amathathu, uNkk Zama Mabaso, uMaGcaba; uNomfundo uMaQikwe noPhumzile uMaDumakude, uthi kwakhe zonke izinsuku ngezothando.
“Thina madoda anesithembu, sihlale njalo sicabanga ukuthi singabajabulisa kanjani lab’ omama esibathathile, ngokunjalo nabo bacabanga ukujabulisa thina, okwenza uthando luhlale luphezulu. “Izipho ziyashintshana, ngiyabathengela, nabo bayangithengela. Noma umuntu angangithengela isipho engisithanda kanjani, kodwa ngihambisa ngolayini, uma kungelona ithuba lakhe kangilali kwakhe. Kumele alinde kuze kube wusuku lwakhe. “Uthando lumnandi, abantu mabalujabulele. Lumnandi nakakhulu uma unesithembu ngoba akekho olokhu ekutetemela uma ufike kuyena, usuke engakucabangi lokho ngaphandle kokuthi kumele ujabule ukuze uphinde ubuye,” kusho uMnu Mabaso.
UMnu Faniyakhe “John 14” Mthembu ongumelaphi wendabuko KwaMhlabuyalingana, onamakhosikazi awu-7 uNkk Sibongile Mthembu, uMaKhumalo; uNkk Celiwe Mthembu, uMaNdlanzi; uNkk Zanele Mthembu, uMaShabalala; uNkk Sibongile Mthembu, uMaZikhali; uNkk Hloniphile Mthembu, uMaNdlanzi; uNkk Nikiwe Mthembu, uMaKhumalo noNkk Samke Mthembu, uMaKunene uthi uma kuwusuku lwezithandani, uyaye awathengele wonke amakhosikazi akhe izipho, awatshele ukuthi mawangapheki, abuye nenyama badle bonke. “Yize nabo benginika izipho kodwa ukuthi ngisuke ngizoba nobani ngalolo suku, ngilawulwa yinhliziyo ukuthi ingiholela kuphi.
Kwami akuhambi ngezinsuku, ngiyakwazi ukuthi ngibe komunye ngidlulele komunye ngosuku olulodwa. “Ngike ngibuze nakubona uma sihlangene sonke ukuthi bafuna ngilale kwamabani, bangikhethele,” kusho uMnu Mthembu. UMnu Musa Mseleku onamakhosikazi amane; uNkk Thobile Mseleku, uMaKhumalo; uNokukhanya, uMaYeni; uMbali, uMaNgwabe noBusisiwe, uMaCele, uthi njengoba enesithembu nje, wanquma ukuthi usuku lwezithandani alugubhe zonke izinsuku. “Izipho ngibanika noma kunini, kangilindi usuku lwezithandani.
“Nabo uma benginika izipho, angibe sengitatazela ngifune ukuba nabo bonke, kodwa ngiba nomuntu okukade kuwusuku lwakhe ngoba ngibalekela ukubaqhatha,” kusho uMnu Mseleku. UMnu Sibonelo Nxele ongumelaphi wesintu waseMpangeni, onamakhosikazi amane; uNkk Thandeka, uMaMhlongo; uNkk Andile, uMaZungu; uNkk Aphile uMaMdunge noNkk Nonhle, uMaMthabela, uthi ngendlela akholelwa ngayo othandweni ngololu suku, uhlela isigcawu lapho ezokweluleka abanezinkinga othandweni nasemshadweni wabo, esizoba semzini wakhe. Lesi sigcawu sizoba nedina okuzothi uma siphela, aphe amakhosikazi akhe izipho. “Yonke iminyaka ngiyabanika izipho ezahlukene. Kanginakho ukuthi ngilala kwamabani, ngiya ngalapho umoya ungiholela ngakhona,” kusho uMnu Nxele.