LUCKY CAIN
AVUME iphutha lawo maqede axolisa amajaji omcimbi wokuklomelisa abasemkhakheni wezamafilimu nezikamabonakude, iSimon Mabhunu Sabela Film and Television Awards, ngokufaka igama likaMpho Sebeng (ongasekho) ongumlingisi waseGauteng ohlwini lwabebencintisana emunxeni weBest Actor Film. Ligcine likhishiwe igama lalo mlingisi.
NgoLwesibili, ILANGA libike ngokuqokwa kwalo mlingisi ngokungafanele njengoba edabuka eSoweto, eGauteng kanti lo mcimbi uklomelisa abaKwaZulu-Natal kuphela. Ngesikhathi sokuloba ngoLwesibili amajaji abeshona ezintangeni ngembangela yokuqoka lo mlingisi.
LIHOXISIWE igama likaMpho Sebeng (okwesokudla) emncintiswaneni iSimon Mabhunu Sabela Film and Television Awards eqanjwe ngoqweqwe lomlingisi, uSimon Mabhunu Sabela okwesokunxele.
UMpho umenyezelwe ngoLwesine olwedlule emcimbini wokumemezela abaqokiwe. Ubeqokwe ngendawo ayidlala efilimini ethi, Ingoma.
Esitatimendeni esikhishwe wuhlaka oluhlela la ma-award, iKZN Tourism And Film Authority, ivumile ukuthi amajaji aphambukile ngokuqoka lo mlingisi. “Amajaji nethimba labacwaningi bayazisola ngephutha emunxeni weBest Actor Film. Sithole ukuthi omunye wabaqokiwe uMpho Sebeng (sengathi umphefumulo wakhe ungaphumula ngokuthula) akayena owaKwaZulu-Natal,” kusho isitatimende.
Siqhuba sithi kungenxa yalesi sizathu amajaji enqume ukulihoxisa igama lalo mlingisi.
Abalingisi abaqokwe kulo munxa nguKwenzo Ngcobo, nguMasoja Msiza noSiyabonga Shibe. Umcimbi wokuklomelisa abaqokiwe uzokuba mhla ka-20 ku-Ntulikazi (July).
lucky.cain@ilanganews.co.za