Amakhosi ahlangana nondunankulu mayelana nolukaDuma nombhobho

291

JOHN HLONGWA

AHLANGANA namhlanje eMayville, eThe-kwini amakhosi neKhabhinethi yaKwaZulu-Natal, eholwa nguNdunankulu Nomusa Dube-Ncube ukuze kudingidwe indlela ungqongqoshe wezokuthuthukiswa komnotho kulesi sifundazwe, uMnu Siboniso Duma, aziphatha ngayo esikhumbuzweni seSilo uDinuzulu kaCetshwayo, KwaCeza ngenyanga edlule.

UDuma – ongusihlalo we-ANC KwaZulu-Natal – wahlwitha umbhobho kuNdunankulu kaZulu, uMfu Thulasizwe Buthelezi esakhuluma. Lokhu kwenzeka phambi kukaMengameli Mnu Cyril Ramaphosa, iSilo uMisuzulu noNdunankulu Dube-Ncube.

Ngesikhathi amakhosi ehlangene esishayamthetho esidala oNdini ngenyanga edlule, avumelana ngokuthi ahlangane nabaphathi bakhe uDuma, baludingide bodwa kuqala lolu daba ukuze baye eSi-lweni sebeyokhuluma ngazwi linye.

USihlalo weNdlu yabaHoli boMdabu KwaZulu-Natal, iNkosi uSifiso Shinga, itshele ILANGA ukuthi kuyiqiniso ukuthi bayahlangana namuhla.

“Lo mhlangano wakusasa sivumelane ngokuthi uhanjelwe ngamalungu esigungu esiphezulu sendlu yobuholi bomdabu KwaZulu-Natal nozihlalo beziyingi,” kusho iNkosi uShinga.

hlongwaj@ilanganews.co.za

Previous articleUmsolwa uqinisekise eyokuba sendaweni okwabulawelwa kuyo u-AKA
Next articleUmphakathi ujabulele o-R350 amaphoyisa “egingqa” ngenhlamvu abebewuhlupho