NOJOHN HLONGWA
AMAKHOSI aKwaZulu-Natal, asephumele obala aveza ukuthi asemi ngomumo ukuqala amalungiselelo okugcotshwa ngokusemthethweni kweSilo uMisuzulu kaZwelithini muva kokuba ijaji, uMnu Mjabuliseni Madondo lichithe amacala abefakwe eNkantolo eNkulu yaseMgungundlovu izolo ngoLwesithathu. USihlalo weNdlu yabaHoli boMdabu KwaZulu-Natal, iNkosi Phathisizwe Chiliza, itshele ILANGA ukuthi bajabule ngesinqumo senkantolo. “Sincoma umsebenzi omkhulu esiwenzelwe nguNkulunkulu namadlozi. Lezi zindaba zifike ngosuku oluhle kakhulu sihlangene eMakhosini, eBabanango, lapho sizokhunjuzwa ngokubaluleka komlando wesizwe. Umsebenzi osihlalele ngowokuthi kuhlelelwe ukugcotshwa kweNgonyama.
Lo mbango ubuvele ungekho, bekuwukukhuluma nje kwasegcekeni njengayo yonke imizi. “Njengamanje sithi makuhlalwe phansi kubanjiswane, kuhlelwe ukuthi iNgonyama igcotshwa nini. “Sifisa indlunkulu ithobelane ngoba uma yona ithobelene, lokho kuyokwehlela esizweni naso sithobelane. Masithotshelwe isinqumo senkantolo, bonke abeNdlov’ Enamandla mabahlangane babemunye,” kusho iNkosi uChiliza. Okhulumela i Organisation of Indigenous Leaders Of South Africa (OILSA), iNkosi Thanda Mzimela, uthe basishayela ihlombe isinqumo senkanto. “Sithi ncinci kamjoli, besivele sikulindele okwenzekile. Njengamanje singamakhosi siyaqhubeka nezinhlelo ebesivele sinazo silungiselela ukubekwa kweSilo uMisuzulu.”