Amalokishi amaningi entshonalanga yeTheku akhiwa ngenxa yamaKhatholika aseMariannhill

    282

    UMLANDO: MENZI JELE

    AMALOKISHI nezakhiwo ezisentshonalanga yedolobha iTheku, kukhona nje, kungenxa yamaKhatholika, ibandla laseMariannhill. Izindawo namalokishi, okuyiMpola, iThornwood, iDassenhoek, iTshelimnyama, iMariannridge, iKwaMamdekazi, iSt. Wendowlins (KwaSanti), iKlaarwater, iSavanna Park naKwaNdengezi, yizona eziwumphumela wokwakhiwa kwemishini yamaKhatholika eMarianhill.

    KWAKUSEMANGANGENI (KWASHOZI) LAPHAYA

    Ngo-1882, amabandla ahlukene ezenkolo ayethutheleka eThekwini, ecela imvume emakhosini nakuKopeletsheni, yokwakha izimishini, ngenhloso yokusabalalisa ivangeli.
    UFata Franz Pfanner owayedabuka e-Australia, wayehola ithimba lezindela zamaKhatholika elalifuna indawo yokwakha imishini yamaKhatholika. Indawo abayithola, yayingamakhilomitha awu-16, kusuka enkabeni yedolobha iTheku, entshonalanga nalo.

    Leya ndawo yayingaphansi kwesizwe sakwaShozi (aMaNganga). INkosi yamaNganga, uManzini, uyise weNkosi uLokothwayo, yayiyinikwe ngamakhosi aseMbo (kwaMkhize), ngoba ayeganiselene nabakwaShozi.
    UFata Pfanner, wanikwa udedangendlale wendawo, akagcinanga ngokwakha imishini, wakha nezikole, imitholampilo, isibhedlela, izikhungo zemisebenzi yezandla, isigayo sokushicilela amaphephandaba nokunye.
    Le Mishini entsha yamaKhatholika yakhiwa ezintabeni zasemaNgangeni, yaqanjwa ngoMariya oCwebileyo (Virgin Mary) nonina u-Anna (St Anne), kwasekuba yiMariannhill Monastery.

    IMARIANNHILL, IPHENDUKA USIZO EMIPHAKATHINI

    Abantu ababevela ezingxenyeni ezahlukene zezwe, babethutheleka beyosebenza eThekwini ngeminyaka yawo-1900. Kwasungulwa amafemu eWestmead, ePinetown, eNew Germany, eKloof, eBotha’s Hill naseThekwini.
    Abantu babakha izakhiwo, ezinye ezagcina seziphenduke amalokishi alawulwa wumasipala. Ngenxa yokwanda kwabantu, ababephendukela enkolweni yamaKhatholika, kwasungulwa isikole samabanga aphezulu, iSt. Francis College ngo-1909, khona eMariannhill.

    Lesi sikole saqanjwa ngomsunguli wemishini, uFata Franz Pfanner. Imishini yaseMariannhill yaba ngenkulu eNatali jikelele, ngoba ngesinye isikhathi ibenezindela ezevile ku-200.
    AmaNganga (isizwe sakwaShozi) anikeza amaKhatholika umhlaba wokulima, yingakho abantu abevile ku-100, babeqashwe khona eMariannhill, abanye besebenza emasimini, abanye ezigayweni zephephandaba. Iphephendaba lesiZulu UmAfrika, laligaywa khona eMariannhill, ligxile ezindabeni zeBandla lamaKhatholika, kodwa lagcina selishicilela nezinye izindaba.
    Isibhedlela iMariannhill, sisiza imiphakathi esuka ezindaweni ezahlukene entshonalanga emaphakathi yeTheku (inner west).
    Abantu baKwaNyuswa, eMolweni, eMbo, KwaNgcolosi, eClermont, bebesizakala kusona lesi sibhedlela. Sinamagumbi okubelethisa, futhi sinesikhungo sokuqeqesha abahlengi nabahlengikazi.   

    AMAKHATHOLIKA NOMZABALAZO WENKULULEKO

    Abafundisi bamaKhatholika babaziwa ukuthi kabahambisani nenqubo yobandlululo. Uma besemapulpiti, babelugxeka kodwa kungekho zinyathelo ababengazithatha, ngoba babengekho emandleni ombuso. UBishop Dennis Hurley (uMehlwemamba), ngomunye wabaholi bezenkolo owayehlonishwa emazweni ehlukene, elwa nale nqubo.
    ERockville, eSoweto kunemishini nesonto lamaKhatholika okubizwa ngeRegina Mundi. Abefundisi ababekhanyiselwe, bebuka izinto ngenye indlela ngesikhathi sobandlululo, babetshalwe eRegina Mundi Catholic Church, beshumayela ivangeli lenkululeko (liberation theology).

    UMHOLI weCope, uMnu Mosiuoa Lekota.

    Ngezikhathi zezibhelu zaseSoweto zango-1976, abafundi uma begijinyiswa ngamaphoyisa ohulumeni wobandlululo, babebaleka beyocasha eRegina Mundi, ngaphansi kwesandla sika-Archbishop uButi Tlhagale.
    Amaphoyisa ayengangeni amagcekeni esonto, kodwa ayedubula engaphandle, yingakho eRegina Mundi namanje, zisagciniwe izindonga ezinezimbobo zezinhlamvu zango-1976, njengesikhumbuzo.
    NaseMarianhill, eSt Francis College, abafundi ababebaleka ezikoleni zaseSoweto, ngenxa yezibhelu, uma bengamaKhatholika, babengayesweli indawo yokufunda. Yayaziwa iSt Francis College ukuthi uma kukhishwa imiphumela kamatikuletsheni (Grade 12), ibhincisela ezinye izikole nganxanye.   

    IZIHLABANI EZIKHIQIZWE YI-ST. FRANCIS COLLEGE

    UMnu uZakhele “MZ” Khumalo (ongasekho), obengumunye wabaphathi bephephandaba ILANGA, wakhiqizwa yiSt. Francis College.
    Ezinsukwini ezimbalwa ezedlule, bekubekwa uZanele Maria Mbokazi-Nkambule, endlini yakhe yokugcina, iKhatholika lokuzalwa leli, elakhiqizwa iMariannhill neSt. Francis College.

    UMHOLI weBCM, uMnu Bantu Biko.

    Umholi weBlack Consciousness Movement (BCM), uMnu Bantu Steve Biko, wakhiqizwa yiyona iSt Francis College, waphothula umatikuletsheni khona ngo-1965. UBiko wafunda kulesi sikhungo ngemuva kokuxoshwa eLovedale College (e-Eastern Cape).
    UDkt Herriete Ngubane, owaba yilungu lePhalamende – emele iNkatha Freedom Party (IFP) – nomfowabo omncane, uDkt Baldwin Sipho “Ben” Ngubane, owake waba ngundunakulu waKwaZulu-Natal (bobabili abangasekho), bakhiqizwa yiyona iSt Francis College.
    UDkt Bandile Mkhize, obephe-the ezeMvelo KZN Wildlife, uwumphumela walesi sikhungo. UMnu Bhekizizwe Samuel Jamile, inyanga yodumo yaseClermont, eyake yaba nguthisha nelungu lesishayamthetho kuHulumeni waKwaZulu, wakhiqizwa yilesi sikhungo.
    UMnu Mosiuoa “Terror” Lekota, ongumholi weCope, wafunda eSt. Francis College. Izintatheli uCyril noProtas Madlala (ongasekho) bafunde kusona lesi sikhungo sodumo. Ithuna likaDkt Benedict Wallet Vilakazi, umuntu wokuqala omnyama owathola iziqu zobudokotela ezilimini zabansundu, liseMariannhill.

    IMITHOMBO.

    • ISt. Fracis College, inomtapo wezincwadi onomlando waso lesi sikhungo.
    • OwaseRigina Mundi, ubha-lwe ngu-Archibishop uButi Tlha-gale, osewathatha umhlalaphansi.         
    Previous articleAmaphoyisa enza umsebenzi omuhle phezu kwengcindezi yezifundiswa
    Next articleUsanethemba uthisha weMK owasula emsebenzini kanti iqembu lizomkhipha ephalamende