Amaphoyisa alanda impahla eyebiwe emakhaya

251

MTHOBISI SITHOLE

ASETHELEKE ngezinkani emizini yabantu amaphoyisa kamaspala eGauteng, aqoqa impahla entshontshwe ezitolo njengoba kubheduke udlame lokucekelwa phansi kwezitolo kuthathwa kwasani ephakathi.

Ngokuthola kweLANGA, kuthiwa amaphoyisa angena umuzi nomuzi emalokishini, kanti nasehostela eVosloorus aseqalile.

UNgqongqoshe Wamaphoyisa uMnuz Bheki Cele uthe amaphoyisa azongenela imizi eGauteng nakwaZulu-Natal. Uthi uma lingekho iphepha eliwubufakazi bokuthi impahla ezotholakala endlini ngeyakho, amaphoyisa azoyithatha.

“Njengamanje kuqala isikhathi sobunzima lapho sithi khona “operation khipha i-risithi”. Uma bungekho lobo bufakazi kusobala ukuthi lezo mpahla zintshontshiwe,” kusho uMnu Cele.

Previous articleISilo sinxusa ukuba kube nokuthula
Next articleKuthiwa uNgizwe ubalekela amaphoyisa