Amaphoyisa asebenzise isisulu ukubopha “onukubeze” indodakazi (12)

225

SKHOSIPHI MTHEMBU

UDOTSWE ngamaphoyisa ngokuthi ayolanda ingane yakhe (12) esiteshini samaphoyisa eNanda – ebiphume iya esikoleni –  owesilisa waseDube Village, eNanda, kanti zizomkhalela ngecala lokuyinukubeza. 

Lona wesilisa  – esingeke simdalule ukuvikela isisulu – uboshwe. Kubikwa ukuthi isigameko sokunukubezwa kwale ngane senzeke ngoLwesine emzini wakhe umsolwa. Ubehlala nayo nonina ongayizali. 

Umthombo uhlebele ILANGA ukuthi konke lokhu kuqale ngoLwesithathu olwedlule. Uthi uyise wesisulu uqale wasivalela ekamelweni, wasiphoqa ukuba simdlalise isitho sakhe sangasese. “Ngosuku olulandelayo, uphinde wayibizela egunjini lakhe, wayinukubeza. NgoLwesihlanu ingane ivuke yaya esikoleni, yafike yabikela othisha ukuthi inukubezwe nguyise. Othisha baxhumane namaphoyisa asePhoenix – njengoba isikole sikhona – okuyiwo ahambise ingane eNanda, lapho ihlala kona,” kusho umthombo.

Uthi kuhambe isikhathi kwaze kwaba ntambama umsolwa engayiboni ingane njengoba ibihambe iya esikoleni. Amaphoyisa abe esemshayela ucingo, emtshela ukuthi ingane isesiteshini makayoyilanda, ngokusho komthombo. Uthi umsolwa ufike esiteshini ehamba nesinganina sengane, zamkhalela.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt-Col Robert Netshiunda, uthe amaphoyisa abophe umsolwa
oneminyaka ewu-38, ngecala lokunukubeza  indodakazi yakhe.  Uthe ngokombiko, umsolwa ubengaqali ukukwenza lokhu. 

Previous articleZintunta nendishi izitshudeni ezilinde uxhaso lweNSFAS
Next articleSekugqobhoke amaphakethe bethungatha othunjiwe